
Babili ababoshelwe ‘istimela’ kowesifazane
Amaphoyisa asephinde abopha omunye wabasolwa kwabangu-10, ecaleni lokudlwengula kuphindelelwa owesifazane waseCopesville, Pietermaritzburg, KwaZulu-Natal.
Umgilwa uneminyaka engu-33 ubudala kumanje uphila nesigubhu sokuzikhulula ngaphakathi esiswini emva kokulimala kanzima ngesikhathi edlwengulwa.
Ngokombiko weGagasi FM, lo msolwa zimkhalele izolo ebusuku ngoLwesithathu endaweni yakwa Swayimane ngaphandle kwase Pietermaritzburg, kanti uzovela enkantolo ngoLwesihlanu.
Lo wesifazane oyisisulu wadlwengulwa yiqulu labalisa abangu-10 ngo-October 2024, kanti kusolwa nokuthi baze bamfaka ngisho namabhodlela esithweni sakhe sangasese nokwaholela ekutheni agcine esekhubazekile.
Kuzokhumbuleka ukuthi omunye wabasolwa uNkululeko Sibiya oneminyaka engu-29 ubudala, usevele kabili enkantolo kaMantshi ePietermaritzburg mayelana naleli cala.
Kulindeleke ukuthi abuyele enkantolo okwesithathu lapho ezoma khona ebhokisini ethule ubufakazi kanye nomphenyi wecala.
Khonamanjalo, uNkululeko Sibiya oneminyaka engu-29 ubudala wanqatshelwa ibheyili iPietermaritzburg Magistrate Court maphakathi phambilini.
USibiya usolwa ngokuba ungqondongqondo kuleli cala.
Lo msolwa kanye nabanye abalisa kuthiwa badlwengula lowesimame beshintshana ngaye.
Okuvelile wukuthi kunelinye icala asalihambayo enkantolo nokumele kubhekisiswe nalokho kanye nokuphepha kwesisulu.
Lezi ngezinye zezizathu ezivelile ngesikhathi uSibiya bemgqobha ethi ufaka isicelo sebhiyili.
Kulindeleke ukuthi abuye enkantolo mhla ka-25 November nalapho umseshi wecala ezoma ebhokisini aphendule imibuzo enkantolo ukuqinisekisa ubufakazi.



