
Owokufika esigamekweni sokulengisa intombi ekhulelwe
Bahle Mkhize
Usinde eselengiswa ekhulelwe owesifazane ojola nowokufika ongenamaphepha kuleli.
IMeya yakuMaspala iLangalihle, uMnuz Mduduzi Myeza, uphume engena ezama ukukhuculula lo Masipala oseMtshezi.
“Namhlanje Esgodlweni kuboshwe abantu abangu-5 bokufika bonke abanawo amaphepha okuba kuleli zwe, owokuqala uboshelwe ukushaya intombi yakhe kanzima waze wayilengisa ethi uyayibulala futhi lentombazane ikhulelwe”.
“Okubuhlungu ke umgilwa uthi akafuni ukumvulela icala kodwa ufuna incwadi yokumvikela, esigamekweni sesibili abesilisa abane sithole umkhondo othi bahlala endlini enezibhamu”.
“Sibe sesiqonda kuyena ngqo sathi ukuxoxa naye saphuma isibhamu kanye nezinhlamvu ezimbili zesibhamu esikhulu nabo futhi amaphepha okuba kuleli awabonwa” kusho iMeya yaseLangalibalele Local Municipality.
ISilo uMisizulu kaZwelithini sesisukume sama ngezinyawo ngalolu daba lwabokufika asebekhombisa indelelo ekubeni benganawo amaphepha.
“Nina beSilo iMbube ingithunile, ngokuzwa imvunge la ngaphandle ukuthi kukhona okungabaphethe kahle kube kufanele ngoba kuzwakala sengathi abantu bokufika ikakhulukazi labo abahlezi ngokungemthetho sebesiphuze inyongo”
“Baze beqa bakhombisa indelelo kubantu bakwaZulu. Kuyaziwa ukuthi uhulumeni waphumela obala ukuthi abantu abakuleli lizwe ngokungemthetho nabadayisa izidakamizwa abenza konke okungalungile , usemkhankasweni wokuthi babuyele emakubo”.
“ISilo sibambisene nohulumeni sithi akungabi bikho ukudelelana lokhu esikubonayo. Ukhona umthetho ovumela abantu ukuthi uma beza ezweni ngaphakathi yimiphi imiqathango okumele bayilandele nendlela yokuziphatha”
“Sizwa izinkulumo ezivusa uhlevane ezenza abantu bathukuthele. Ithi iNgonyama amaphaphu phansi Zulu iyalusebenza lolu daba izokhuluma ngalo kabanzi eSandlwana ngoLwesine” kusho uMntwana uThulani Zulu.



