Izindaba

Owesifazane (42) ecaleni lokudlwengula umfanyana (15)

Sihle Mkhize 

Usakhungathekile umphakathi wase Khujwana, eTzaneen, eLimpopo kulandela ukuboshwa kowesifazane oneminyaka engu-42 ubudala ngecala lokudlwengula umfanyana.

Kuthiwa lo wesifazane owayedakwe eyinhlabathi ngaleso sikhathi wabizela kwakhe lo mfanyana oneminyaka engu-15 ubudala wamnukubeza ngokocansi.

Eseqedile ukuzitika ngomfanyana wabe esemyalela ukuthi angayithi vu.

Nokho isisulu sahluleka ukufela ngaphakathi sagcina siyibhadlazile indaba kubazali baso.

Kube sekuvulwa icala lokudlwengula eRitavi Police Station.

Ilunga lomndeni elisondelene nalesi simo siqinisekisile ukuthi umsolwa uyaziwa endaweni futhi ungunina wezingane ezintathu waboshwa ngoLwesihlanu.

Abaholi bomphakathi sebehlabe ikhwelo lokuthi abantu abadala abavikele abantwana.

Ngokomthombo wezindaba iTzaneen Voice Baphinde banxusa ukuthi umthetho udlale indawo yawo kwenzeke ubulungiswa kuleli cala.

Amacala afuze lawa asejwayelike eLimpopo njengoba ngomhla ka-26 August kwakuvele enkantolo kaMantshi yaseMusina owesifazane oneminyaka engu-24 ubudala ngecala lokudlwengula.

Kuleli cala isisulu umfanyana oneminyaka engu-13 yobudala.

Kuthiwa lo mfanyana wadlwengulwa emphemeni wesonto ngezithula zehora lesithathu ntambama eMusina.

Ngokwesitatimende samaphoyisa umsolwa wabiza umgilwa ezidlulela eduze kwenkulisa.

Nebala waya kusisi omdala wamfica esezinekile elele ngomhlane waqala ukumthithathinta ezindaweni ezibucayi wase emdlwengula.

Kwaba khona osibonayo lesi sigameko wahlaba umkhosi kwabizwa amaphoyisa zamkhalela umsolwa.

Related Articles

Back to top button