Izindaba

Owangaphandle enkantolo kwelokufa kwaDJ Warras

Liyah Mseleku

Libuyela enkantolo ngomhla ka-9 February icala lommangalelwa wesibili ecaleni lokubulawa kukaDJ Warras.

U-Armindo Pacula (25) odabuka eMozambique, uboshwe emikhukhwini yaseMarathon, ePrimrose, ngoLwesihlanu ebusuku.

Kumanje, ubhekene necala lokubulala nokwephula imithetho elawula abakwamanye amazwe eNingizimu Afrika.

Kuzokhumbuleka ukuthi uDJ Warras wadutshulwa wafa esenkabeni yeGoli, ngoDecember nyakenye.

Ngemuva kokudutshulwa, wazama ukubaleka kodwa waphelela endaweni yesigameko, akukho lutho olwantshontshwa, nokwaveza ukuthi ukuhlasela kwakungekhona ukuzogebenga.

Lesi sigameko senzeka ngesikhathi eyohlola amanye amabhilidi agadwe yinkampani yakhe yonogada.

Kuthiwa le nkampani kamufi ibiphinde ilekelele ekukhucululeni kukhishwe labo asebethathe amabhilidi angasetshenziswa ngenkani.

UWarras wayeshayela uhlelo lwantambama kwiGagasi FM phakathi kuka 3 no-6, kusihlwa ebambisene noNomalanga Shozi.

Umsolwa wokuqala uVictor Mthethwa Majola wanqatshelwa ibheyili kanti yena kwamanye amacala abhekene nawo kubalwa nelokubopha itulo lokubulawa kwamufi.

Related Articles

Back to top button