Izindaba

Okushaqisayo ngecala likaXolani ophume ngebheyili

Ezintsha zithi inkampani yonogada ezimele, iGauteng Anti-Crime Units ithi ukugasela kwayo kumsolwa owabanjwa nezidakamizwa nokwaholela ekuboshweni kwaXolani Khumalo, nosihlalo wayo, uDuma Radebe, kwakugunyazwe ngamaphoyisa.

NgoMsombuluko uXolani udedelwe ngebheyili kaR2000 njengoba esolwa ngamacala okubalwa elokushaya ngenhloso yokulimaza kanjalo nokukhomba umuntu ngesibhamu.

UKhumalo uvele kafushane eNkantolo yeMantshi yasePalm Ridge.

Kusolwa ukuthi washaya owesilisa kubo eKatlehong ngoDecember wonyaka odlule.

Uphiko lwezokuphepha luthi i-SAPS yamema amalungu ayo kanye noKhumalo ukuthi basize ekugaseleni emzini womuntu okusolwa ukuthi udayisa izidakamizwa.

Ngemuva kokuhlinzwa owesilisa wavulela uKhumalo noRadebe amacala okushaya. Lolu phiko luthi luzizwa ludayiswe ngamaphoyisa futhi lungase lube manqika ukusiza iSAPS esikhathini esizayo.

Bakuqinisekisile ukuthi lokhu kugasela kwakungahlangene nohlelo lukaKhumalo lukamabonakude.

Abalandeli be-ActionSA bebephume ngobuningi babo baphelezele ikhansela lale nhlangano kuMasipala waseKurhuleni eGauteng, njengoba ebeyozinikela esiteshini samaphoyisa aseKatlehong.

UKhumalo owazakhela udumo ngokwethula iSizok’thola kuMoja Love. Kwenzeka lokhu nje, uKhumalo ungomunye wabagaqele ukuba iMeya yakulo mkhandlu waseKurhuleni njengoba kuza ukhetho loHulumeni baseKhaya.

Related Articles

Back to top button