Izindaba

Okusha ngezishaqane zikaMatlala zithunyelwa kuBheki Cele

Sihle Mkhize

Yanyelwa inyoni esandleni indoda yaseMpumalanga kungena izizumbulu zemali okwakumele ingene kuBheki Cele.

Izinombolo zazifana kuhluke eyodwa nje, lo mlisa wazidlela imali enye wayipha intombi yakhe kwazise wayengasebenzi.

Lokhu bufakazi buthulwe uGeneral Nhlanhla Mkhwanazi kwi-Ad Committe ngoLwesithathu.

UMkhwanazi uthi bathole lokhu ngesikhathi behlola amafoni kaMatlala bathola izinamba ezazibhaliswe ngoBab Ndosi noCele.

Kuthiwa lensizwa yacelea uMatlala i-account number nayo yayithumela, yabona kungena izindodla yabonga abakubo yagiya yaqephuza yazidlela imali.

Ngokusho kwaMkhwanazi bayilandela leyo nombolo bagcina bexhumene nomnikazi wayo kwavela ukuthi umuntu waseMpumalanga lowo akamazi noMatlala.

Ngalokho uthi yobe ayidle izishiyele njengoba bebhece uCele inyama engayidlanga.

UMkhwanazi ngo-October watshela iPhalamende ukuthi uCele wayexhumana noMatlala futhi wayemnika imali.

Related Articles

Back to top button