
Odilikajele kwinkabi eyabulala imenenja kuMasipala
Sphumelele Mjaja
Igwetshwe odilikajele ababili inkabi uSabelo Phewa inkantolo enkulu yaseMgungundlovu.
Ubebhekene necala lokudubula abulale uMnuz Sbusiso Sithole owayeyimenenja kuMasipala waseRichmond.
USithole ochazwa njengomuntu owayezinikele emsebenzini ubulawe ngo-2017 ngaphandle kwamahhovisi ezincwadi zokushayela eRichmond.
Ngosuku lwesigameko uSbusiso wayesendleleni ebheke emhlanganweni lapho kwakuyoxoxwa ngophenyo lokukhwabanisa okwenzekayo ngaphakathi kuMasipala.
Emuva kokuthi uSithole adlule emhlabeni icala lokubulawa kwakhe laphenywa uphiko lwe-Political Killings kwi-South African Police Service (SAPS) ngo-2018.
Abaphenyi bathola isibhamu kuPhewa nokwavela ukuthi sihlobene nochungechunge lwezigameko zobugebengu okuhlanganisa ukufa kwa-Amos Ngcobo.
UNgcobo wadayiswa unkosikazi wakhe ezigebengwini nowagcina esephenduke ufakazi wenkantolo.
Ngaphezu kokugwetshwa odilikajele ngecala lokubulala uSithole noNgcobo, uPhewa uphinde wagwetshwa ngelokuzama ukubulala amaphoyisa ngesikhathi eboshwa.
Uphindwe wangezelwa iminyaka emihlanu eyengeziwe ngokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni.
Iminyaka eminye emihlanu nokutholakala nezinhlamvu ezingekho emthethweni.
UKhomishana wamaphoyisa kuzwelonke uGeneral Fannie Masemola, uzwakalise ukwaneliseka ngesinqumo senkantolo.
“Sibonga kakhulu ithimba le-SAPS le-Political Killings ngokuxazulula leli cala nokuqinisekisa ukuthi inkabi iyagwetshwa. Ngaleli cala sizokwazi ukuxhumanisa futhi sixazulule amanye amacala afana nokubulawa kuka-Amos Ngcobo”
“Angaphezu kwa-30 amacala agcine egweba izinkabi ngosizo lweleli thimba,” kusho uMasemola.
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169



