Izindaba

Liyishonele inkabi ebesibaqelile abantu

Bahle Mkhize

Inkabi (41) ebese ibaqedile abantu ngesibhamu liyishonele ingqoklozwa amaphoyisa ngenganono ePinetown, eThekwini.

Kuthiwa ibisibulele abantu abacela eshumini, nayo ibulawa nje beyicathela omunye umsebenzi wakuMasipala waseMdoni.

Imane yavulela kuqala ngenhlamvu amaphoyisa ethi azoyibopha ntathakusa kwaba izithintele iziqandu.

Idutshulwe amaphoyisa okuhlanganisa iSAPS eThekwini District Trio Crimes Unit, SAPS KZN CI, Durban Metro Police Trio Crimes Unit neDurban Metro Police K9 Unit

Ngokombiko we-eNCA kutholakala izibhamu endaweni yesigameko.

Kwenzeka lesi sigameko nje isifundazwe saKwaZulu-Natla nezwe lonke lisanda kujabulela izindaba ezinhle zookungavuselelwa kwenkontileka kaGeneral Nhlanhla Mkhwanazi.

Kwenzeke lokhu ngoMgqibelo njengoba Bese kubalwa amahora ukuthi iphele.

Related Articles

Back to top button