Izindaba

Liyangena elabafana ababili abadlwengule umfundi

Sphumelele Mjaja 

Abafana ababili abaneminyaka engu-11, 13 ubudala bazovela eNkantolo yeMantshi eTemba, esifundazweni iNorth West ngecala lokudlwengula umfundi webanga lesihlanu.

Ngokombiko weSABC kuthiwa umgilwa wadlwengulwa ngabafundi ababili besilisa esikoleni samabanga aphansi i-Mmatsheko.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo, uVuyo Mantshule, uthi lesi sigameko sabonwa ngabanye abafundi esikoleni.

Ngokushesha kwabikwa kubaphathi besikole, abasebenzi bezenhlalakahle kanye nabomthetho.

Lesi sigameko senzeke ngemuva kwamahora esikole.

Isikole saphendula ngokwazisa isisebenzi sezenhlalakahle, saxhumana nabazali nabaqaphi saqala nokweseka izisulu ngokwengqondo.

Abafundi abathintekayo basivuma isenzo ngesikhathi somhlangano we-School Govetning Body (SGB). Intombazanyana yathathwa yasiwa kohlolwa ngudokotela.

Ngakolunye uhlangothi, okhulumela amaphoyisa esifundazwe, u-Brigadier Sabata Makgwabone, uthi abasolwa babekwe ngaphansi kwesandla sabazali babo ngesikhathi uphenyo lusaqhubeka.

“Amaphoyisa aseNingizimu Afrika ayaqinisekisa ukuthi leli cala likhona nokuthi, lolu daba luphathwa ngokwemibandela yoMthetho Wezobulungiswa Kwezingane ka-2008”, kusho uMakgwabone.

Uqhubeke wathi abasolwa baqale ukuvela eNkantolo mhla zingama-19 September 2025.

Lolu daba luhlehliselwe uLwesibili, 30 Septhemba 2025.

Khonamanjalo, kwenzeke ubulungiswa kwizisulu zamantombazane asemancane adlwengulwa ngo-2017 nango-2019 eBatlharos.

INkantolo yesiFunda yaseMothibistad, ithole ummangalewa anamacala amabili okudlwengula.

Ugcine egwetshwe iminyaka engu-25 ebhadla ejele ngawo womabili la macala.

Ummangalelwa kwathiwa akakufanele ukuba nesibhamu futhi igama lakhe lizofakwa ohlwini lwabantu abalahlwe amacala okudlwengula.

UKhomishana wesiFunda u-John Taolo Gaetsewe, uBrigadier Kenneth Baloyi ushayele ihlombe uDetective Sergeant Nomawonga Keetile kanye noDetective Constable Lorato bophiko lwe-Kuruman Family Violence Child Protection and Sexual Offences (FCS).

Ubebancoma ngomsebenzi wabo omuhle kakhulu wophenyo oholele ekugwetshweni kwabasolwa.

Related Articles

Back to top button