Izindaba

Limshiye edindilize ohilizisane nesoka eNanda

Liyah Mseleku

Kusabatshazwa unya nesihluku sowesilisa ogqeme ephindelela ekhanda owesifazane abethandana naye wagcina ngokushona.

Umgilwa oneminyaka yobudala engu-32 kukholakala ukuthi ushaywe ngokusansimbi yisoka abehambisana.

Kuthiwa kube nokuhilizisana okubekhona umsolwa wagcina ebulala lo wesifazane, eTea Estate, eNanda ngoMsombuluko.

Ufakazi ozibonele ngo “see” ubize inkampani yonogada iReaction Unit South Africa (RUSA) ukuthi izosiza.

Khonamanjalo, kuduma upotiyane kunina wengane eneminyaka emihlanu, u-Emihle Mavundla, oduke ngosuku lokuqala eyongena esikole.

Lo dado ubeyofunda uGrade R eVerulam Primary School kuqapheleke ukuthi udukile kubonakala kuhamba isikhathi engafiki ekhaya.

Unina wengane ulinde endaweni lapho eduze kwalapho ehlala khona eMhlasini ukuze imoto yezingane ibuyisele indodakazi yakhe ekhaya kodwa kwangenzeka.

Umshayeli wemoto ethutha izingane uveze ukuthi akazange ayilande ingane.

Umama ube esethinta umnikazi wezokuthutha, base behamba bobabili baya eVerulam Primary School kuRussom Street beyothungatha ingane. Nokho u-Emihle ubengabonwa nangokhalalo emagcekeni esikole.

Sekunezinsolo ezithi kungenzeka ukuthi u-Emihle ugibele imoto okungesiyo njengoba kungaziwa ukuthi ukuphi.

Ngesikhathi enyamalala, lo dado ubegqoke umfaniswano wesikole samabanga aphansi aseVerulam.

Uchazwe njengentombazanyana enebala elinsundu, amehlo amakhulu amnyama, nomzimba oyisidudla.

Kunxuswa amalungu omphakathi okungenzeka ukuthi ayibonile le ingane noma anolwazi mayelana nokuthi ikuphi ukuthi athinte iReaction Unit South Africa (RUSA) ku-086 1234 333.

Related Articles

Back to top button