
Lihlehlile elikaMaskandi obhekene nawokubulala
Aphelele Cebekhulu
Lihlehlele umhla ka-4 December kulo nyaka ukulalewa kwesicelo sebheyili somculi kamaskandi uDlubhèke Khuzwayo (31).
INquthu Magistrate Court yiyo ethathe lesi sinqumo ngoLwesihlanu.
Lo mculi ubhekene namacala amabili okubulala namabili okuzama ukubulala.
Eyokuthi angase ajabulise abantu njengabo bonke abaculi kulo December ayikacaci.
Lo mculi odabuka enyakatho nesifundazwe saKwaZulu-Natal, eNquthu, ubebhekene nalamacala okufa kwabantu okuthiwa enzeka ngonyaka ka-2023.
Emacaleni avelile kamuva usolwa ekubandakanyekeni ekubulaweni kwabantu ababili esigamekweni esenzeka eGoli.
Elinye lamacala kuvele ukuthi lenzeka ngomha ka-1 January 2022, lapho kwafa khona umfana wakwaMajola.
Amaphoyisa aseGoli kuvela ukuthi abe esethola incwadi yokumbophela elinye icala ngezinsolo zokudubula abulale umufi uPhinda Hadebe, eKatlehong, ngomhla ka-1 November 2024.
Iphoyisa elingagunyaziwe ukukhuluma nabezindaba ngesikhathi eboshwa laveza ukuthi lamacala abekwe wona ahlobene nodlame oluqhubekayo embonini yamatekisi.
Kwelinye lamacala kuthiwa abesilisa abane ababehamba ngemoto emhlophe bevela eNtinini, eBabanango, bavinjezelwa umsolwa.
Kuthiwa umsolwa wavulela ngenhlamvu kwafa izisulu ezimbili kwathi abanye basinda ngokulambisa.



