
Lifele emanzini iphoyisa ebelihubha umsolwa
Sindiswa Nxumalo
Amaphoyisa aseNorth west aseqinisekise ukuthi omunye wozakwabo udlule emhlabeni ngokuminza ngesikhathi esemsebenzini.
UMseshi uGift Mota obesebenzisana neVisible Policing Crime Prevention Unit ubesebenza kanye nozakwabo ngesikhathi kuqhamuka ilunga lomphakathi libazisa ngowesilisa ongumsolwa emacaleni ayamelana nokugqokeza nokweba.
Amaphoyisa abe esemphekezela baya endaweni yaseMasosobane naseRaffredy eseduze namahlathi anedamu.
Ngesikhathi ebonakala umsolwa, kuke kwaba ongemumva ongaphambili esejahwa amaphoyisa.
Umsolwa uye wabalekela kuleli damu kanti uMota uzongena naye emanzini ejaha umsolwa.
Leli phoyisa licwile emanzini langabe lisabonakala.
Ithimba labatshuzi liye lafika lizokwenza umsebenzi walo, ngebhadi lafica uMota eseshonile labuya nesidumbu sakhe.
Idokodo langaphakathi livuliwe ukuze kuzophenyisiswa ngalesi sigameko.
UMota wasuswa e-Emerlo eMpumalanga la ayesebenzela khona ngoNovember nyakenye wayiswa ePhokeng.
Ukhomishina obambile eNorth West uJenene Ryno Naidoo udlulise amazwi enduduzo kozakwabo nasemndenini kamufi.
“Silahlekelwe iphoyisa ebelizinikele elikwaze ukunikela ngempilo yalo ukuze lisindise umphakathi. Isibindi sika Mota ngeke sikhohlakale,” kusho uNaidoo.
Uqhubeke wathi amaphoyisa ayazwelana nomndeni futhi bazobeseka ngakho konke abangakudinga.
Uqhubeke wagqugquzela umphakathi ukuthi usebenzisane namaphoyisa ukuze kuliwe nobugebengu.
Uvale ngokukhuluma ngezingozi ababhekana nazo malanga wonke uma besebenza.
NB: Advertisement Call/WhatsApp 073 062 1169



