
Libashonele abebephanga iloli nenyama kaR500 000
Amanda Mjaja
Libashonele abasolwa abakhombe iloli ebelithwele inyama ebiza ngaphezulu kwaR-500 000.
Labasolwa abayisithupha baneminyaka ephakathi kuka-28 no-48 kanti kulindeleke ukuba bavele phambi kweNkantolo kaMantshi yaseCarletonville namhlanje.
Nokho akuhambanga njengoba bebehlelile njengoba begcine ngikubanjwa amaphoyisa baboshwa.
Amaphoyisa alunywa indlebe ngezinhlelo zokuqola iloli ngoLwesine olwedlule emgwaqeni iR559, phakathi kweCarletonville neRandfontein.
Lokho kwanza ukuthi kuthintwe abasebenzi bezobunhloli obuphathelene nobugebengu obuhlukahlukene okuhlanganisa iNorth West Provincial Anti-Gang Unit, Drug Task Team, Tactical Response Team (TRT) Klerksdorp, Johannesburg K9, Carletonville Detectives, Gauteng West Rand District Rural Safety kanye nezinkampani zokuphepha ezizimele.
“Ithimba ligasele kubasolwa, ngemuva nje kokuba iloli libanjwe cishe ngo-07:45, emgwaqeni i-R559, futhi lathunjwa iloli, elaligcwele inyama”
“Amaphoyisa abuye athatha ezinye izimoto ezintathu okusolwa ukuthi zazisetshenziswe ekwenzeni ubugebengu”, kusho okhulumela amaphoyisa uColonel Adéle Myburgh.



