Izindaba

Kuvela okwacika uMchunu kuboshwe owabulala ikhansela

Bahle Mkhize

UKhomishana wamaPhoyisa kuzwelonke uGeneral Fannie Masemola uthuse abaningi ehlanza abekudle ngayizolo ngo Ngqongqoshe osamisiwe uSenzo Mchunu.

UMasemola uthi wadinwa kwathi akaqhume uNqongqoshe ezwa ngokuboshwa kwaPhendukani Mabhida.

UMabhida wabe elikhansela le-ANC kuMasipala waseMandeni kanti abambulala baboshwa uphiko lwamaphoyisa olusematheni kumanje olulwa nokubulawa kosopolitiki eKZN.

Ekhuluma kwiKhomishini kaMadlanga, uMasemola uchaze ukudinwa kukaNgqongqoshe njengento eyamethusa kwazise amaphoyisa eyenze umsebenzi oncomekayo.

Kuvele ukuthi amaphoyisa ophiko lwe-Public Order Policing (POP), ambopha umsolwa qede amdedela kodwa iTask Team yakwazi ukuphenya kwatholakala ukuthi isibhamu samsolwa siyahlangana necala waboshwa.

“Ngangiqala ngqa ukubona uNgqongqoshe edinilwe amaphoyisa ngokwenza umsebenzi wawo ngokuzimisela,” usho kanje.

Phakathi kokunye akuvezile uMasemola ukuthi uNgqongqoshe uMchunu wahluleka ukumnika izizathu ezinqala zokuqedwa ngeTask Team kuze kube yimanje ekubeni yenza umsebenzi oncomekayo.

Uthi ukuboshwa kwaMatlala kumbule inkunzi bakwazi ukufunda incwadi ivaliwe sekuvela igama lalo msolwa phakathi kwamanye amacala abucayi.

Masemola, uthi uNgqongqoshe, uMchunu, wagxambukela emsebenzini wakhe ngokukhipha umyalelo wokuba kuhlakazwe ithimba lamaphoyisa eliphenya amacala okubulawa kosopolitiki KwaZulu-Natal.

UMasemola uthe uMchunu akanawo amandla okukhipha imiyalelo yokuthi amaphoyisa kufanele asebenze kanjani.

Ukusho lokhu ngesikhathi ethula ubufakazi kwikhomishini eholwa yiJaji Mbuyiseli Madlanga.

UMasemola uthe isigaba somthetho u-205:3 sinikeza yena amandla okunquma ukuthi amaphoyisa azosebenza kanjani.

Related Articles

Back to top button