Ezemidlalo

Kwale ukwenza kwiBay iPirates idlula ngehubo

IMoses Mabhida Stadium ibinyakaza ngoMgqibelo ngesikhathi i-Orlando Pirates inqoba ngo 1-0 ihlula iRichards Bay FC ukuze ingene kowamanqamu kwiCarling Knockout.

IRichards Bay ingene kulo mdallo ifuna ukuqeda ishobolo layo lokuhluleka emidlalweni eyandulela owamanqamu kulo mqhudelwano.

Bese kwenzeke kabili kulandelana ukuthi leli qembu lihluleke kulesi sigaba kwiCarling Knockout.

Nokho akwenzekanga, kanti umqeqeshi wayo uRobbie Gabriel uthe iyohamba isinda iPirates.

“Singene kulo mdlalo senza kahle kakhulu. Ukube besiwasebenzisile amathuba ngabe yithi esinqobile,” kusho uGabriel.

“Esiwombeni sokuqala asenzanga kahle. Kwesesibili yithi ebese silawula umdlalo futhi sakha amathuba okushaya amagoli.

“Empeleni nje ukube siwasebenzise kahle lawo mathuba ngabe yithi esiya kowamanqamu manje.”

Uqhube wathi ngeke abasole abadlali bakhe ngoba bayijulukisile iPirates yaze yagcina seyiphoqeleka ukumosha isikhathi.

“Ngiyabancoma abadlali bami, bakhombisile ukuthi singakwazi ukumelana noma yiliphi iqembu kule ligi.

“Wawugcine nini ukubona iPirates imosha isikhathi? Ngisho unozinti wabo uze wathola ikhadi lokumosha isikhathi,” kusho uGabriel.

I-Orlando Pirates idlale kahle esiwombeni sokuqala futhi yiyo ebilawula umdlalo futhi yakha amahle amathuba.

Kodwa kuthathe ukukhalipha kuTshepang Moremi ukwenza umehluko. Uthole ibhola elide lisuka ku-Oswin Appollis wabe eselinamathisela enethini.

Isiwombe sesibili sibe ngesihlukile njengoba bese kubhoke iRichards Bay kodwa yahluleka ukugqobhoza udonga lwasemuva lwePirates.

IPirates seyizolinda ozonqoba phakathi kweGolden Arrows neMarumo Gallants ngeSonto ukuthola ukuthi izowudlala nobani owamanqamu ngoDisemba 6.

Lisenethini.co.za

Related Articles

Back to top button