Izindaba

Kuvele igama likasomatekisi obesatshwa kwiKhomishini

Kuvele igama likasomatekisi obesatshiswa okwenyoka uZanemvula “King Mswati” Msibi kuMadlanga Commission eqhubekayo ePitoli.

UMsibi kuvela ukuthi wayesolwa ngoxhaxha lwamacala ayingozi futhi ubengumngani omkhulu kaKatiso Molefe.

Kuzokhumbuleka ukuthi uKatiso “KT” Molefe usolwa ngokuba ungqongqongqondo ekudayisweni kwezidakamizwa.

Uphinde asolwe ngokufa kwaDJ Sumbody noDJ Vintos.

Ezingenayo zithi wayethengiwe uMsibi ukuthi abulale uMnuz Arthur Fraser owayengu Director General kwiState Security Agency (SSA).

UFraser waphawula kanye no-Advocate Muzi Sikhakhane ngalezi nsolo nakuba engafunanga ukuveza ukuthi wayethunywe ngubani uMsibi.

UFraser wayesanda kuvulela icala uMengameli uCyril Ramaphosa kanjalo naloyo oyinhkoko kwiPresidential Protection, uGeneral uWally Rhoode.

Icala lavulwa eRosebank Police Station, eGoli, mayelana nodaba olwasusa umsindo lwamadollar atholakala ePhala Phala Farm kaRamaphosa.

Kunezinsolo ezithi uFraser wanqaba imali engango R50 million eyayivela kwesinye isikhulu eCape Town sifuna kucishwe icala lase Phala Phala.

Kuthiwa ngalezonsuku uFraser wayengalali ekhaya esebhacile esabela impilo yakhe.

UMsibi wagcuna eshona ngendlela engaqondakali, esanda kungeniswa esibhendlela ngomhla ka-7January 2024.

Ngendlela okuthiwa uMsibi wayeyingozi ngayo kuvele ukuthi iJaji elalimi endleleni yakhe laphucwa amandla alo msebenzi.

Related Articles

Back to top button