Ezemidlalo

Kuqinisekiswe elaseMelika ukuthutha kwaMbokazi 

IChicago Fire FC isikuqinisekisile ukusayinisa kwayo umdlali wasemuva we-Orlando Pirates uMbekezeli Mbokazi.

UMbekezeli Mbokazi ujoyina leli qembu le-MLS ngenkontileka eyoze iphele ngo-2029, kanti inombandela wokwelula ngomunye unyaka uma iphela.

Umqeqeshi weChicago Fire, uGregg Berhalter, wamukele lo mdlali wasemuva waseNingizimu Afrika, wathi uMbokazi uletha ubuholi, umbango wezindawo “nomthelela osheshayo” eqenjini.

“Sijabule ukwamukela uMbekezeli ekilabhini njengoba siqhubeka nokuqinisa udonga lwethu lwasemuva,” kusho uBerhalter.

“Emsebenzini wakhe osemusha, usebonise amandla aphezulu futhi wazibonakalisa engumholi oqinile kanye nomdlali omuhle ezingeni lamazwe ngamazwe.

“Silindele umthelela osheshayo kuye nokuthi aqhubeke nokukhula.”

UMbekezeli Mbokazi usedlale imidlalo engaphezu kuka-35 kwiPirates – kwikBetway Premiership, iCaf Champions League, iMTN8, iCarling Knockout neNedbank Cup.

Uphakamise isicoco sika-2025 seMTN8 ngemuva kokuthi iPirates ishaye iStellenbosch ngo 3-0 kowamanqamu.

Ezingeni lomhlaba, lo mfana usemele iNingizimu Afrika ku-Under 20 naseqenjini elikhulu iBafana Bafana amahlandla ambalwa.

Ube yingxenye yeqembu eliwine iCosafa Under 20 Cup ka-2024. Ube esedlala okokuqala kwiBafana ngoMeyi 2025 ngesikhathi benqoba iMozambique ngo 2-0.

Njengamanje useyingxenye ebalulekile yeqmebu likaHugo Broos futhi usesikwatini esiya kwi-Afcon eMorocco ngasekupheleni kwale nyanga.

Kulindeleke ukuthi andizele e-US ngemuva nje kwe-Afcon. Uzodlala umdlalo wakhe wokugcina kwiPirates kowamanqamu weCarling Knockout ngoMgqibelo.

Lisenethini

Related Articles

Back to top button