
Kuhlehle umshado kuboshwa umkhwenyana
Sindiswa Nxumalo
Umshado obuhlelelwe usuku lwangeSonto kule mpelasonto yephasika eNewcastle awubanga yimpumelelo emva kokuboshwa kuka mkhwenyana noyise.
Lo mshado obekuhlelwe ukuthi uqale ngo-11h00 namuhla.
Ubaba ubezama ukungenelela esiza indodana yakhe, kodwa naye uboshwe ngokushayela ephuzile.
Bangu-45 sebebonke abashayeli ababoshwe yi-RTI eNewcastle izolo ebusuku nasekuseni namhlanje ngenxa yokushayela bedakiwe.
Amaphoyisa alandele amazwi kaNgqongqoshe uSiboniso Duma athi: “Babophe bonke, ningabi nesihe.”
Labo ababoshiwe futhi abangakwazanga ukuphendula umbuzo othi, #NenzaniLaEzweni, yilaba abalandelayo; umkhwenyana noyise, uthisha waseNyuvesi (othe angakhuluma isiNgisi isonto lonke ngaphandle kokusebenzisa isiZulu),
Umphathi wezokuphepha, othisha ababili, abahlengikazi ababili, umthengisi wemithi, isikhulu sokuxhumanisa esivela kuMasipala wendawo kanye nomfundi oyedwa
Ngesonto eledlule ethula umkhankaso uDuma wasonga wathi sizoqina kakhulu isandla kwiziphulamthetho emgaqweni KwaZulu-Natal njengoba kubhekwe kumaholidi ePhasika.
Izindawo eziseqhulwini kuhamba phambili eZakheni, Esikhawini, Newcastle, Pietemaritzburg, Nongoma, Umhlanga Rocks, Nongoma, Ulundi olumahlikihliki, Umtubatuba, Phoenix, Inanda, Umlazi, KwaMashu ukubala nje ezimbalwa lapho ezoqinisa khona isandla.
Kulokhu, amaphoyisa omgwaqo angaphezulu kuka-3483 azobe ebopha kwasani.
Kubalwa iRTI, Operation Shanela, Durban Metro, Umsunduzi kanye namanye koMasipala..



