
Kucetshwe abokufika kumbuthano wosomabhizinisi e-ICC
Sihle Mkhize
Kuhlangene osomabhizinisi abadayisa emgaqweni nabanini bezipaza ukuzobhunga ngenqubekela phambili emabhizinisini e-ICC eThekwini.
Labo somabhizinisi abaqhamuka ezingxenyeni ezahlukene zaleli dolobha babizwe uMasipala kwi-Informal Economy Development Summit eqhubeka izinsuku ezimbili.
Okuhlalukile kubahwebi wukuthi babhekene nengwadla yokuqhudelana nabantu bokifika abadayisa ngaphandle kwamaphepha ezitaladini nasezipaza.
Baphinde basola amanye amaphoyisa kaMasipala akhokhelwa yila bantu abangenamvumo.
UNksz Mathufi Magwaza odayisa emgwaqeni kuField enkabeni yeTheku uthi sekugcwele kakhulu abantu bokufika akusasebenzeki.
“Ngidayisa ku-Field kumanje abokufika sengathi bayabizana. Uma ubachazela bathi unomona, benjalo abanazo izimvumo zokudayisa. Kodwa thina siyakhokha,”
“Ungibona nje sengidayisela imali yokugibela nesinkwa sezingane. Kokunye ngike ngicabange ukushiya phansi,” usho kanje.
Uphinde wakhala ngamaphoyisa ikakhulukazi abesifazane okuyibo athi banoshiki uma befuna izimvumo zokudayisa.
UNksz Jabulile Gwala waseNanda eMachobeni uveze ukuthi nangonyaka odlule wayekhona kule summit futhi wazuza lukhulu.
Udalule ukuthi wagixabezwa ngempahla yokudayisa.
“Asazi sibizweleni kulokhu ngithemba ukuthi kukhona esizonikwa khona,”
Izikhulumi zosuku zivezile ukuthi bengumasipala weTheku babhekene nokwanda kwabadayisi ngendlela exakayo.
Okunye abakuhlabile abadayisi benyama yenhloko nabamabhizinisi okucwala izinwele njengoba bechitha kwizitamukoko.
Uyaqhubeka namhlanje lo mbuthano.



