
Kubhujiwe abafundi abangaphansi kweminyaka (14 ) bekhulelwa
Bahle Mkhize
Kuvele izibalo ezishaqisayo zokukhulelwa kwezingane ezisafunda isikole esifundazweni saKwaZulu-Natal.
Zibalelwa ku-26 515 izingane ezikhulelwe phakathi kwa-April noDecember ka-2004.
Okuthusa kakhulu wukuthi abafundi abangu-1 254 bangaphansi kweminyaka engu-14 nokuqubula imibuzo ukuthi bakhuleliswa ngobani?
La mabhomu adedelwe uNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli ngoLwesibili eGamalakhe, ePortshepstone.
UNtuli ngokubambisana noNgqogqoshe bakhe abane abangaphansi kweSocial Cluster, okungowezempilo, owezokuthuthukiswa komphakathi, owezolimo nokuthuthukiswa kwezindawo zasemakhaya, owezemfundo nowezemidlalo, amaciko namasiko bathule okokuqala uhlelo lokulwisana nokukhulelwa kwentsha.
“Isibalo sokukhulelwa kwabafundi siyathusa, phakathi nje kwa-April noDecember ngonyaka ophelile kanti abangu abangu-1 254 bangaphansi kweminyaka engu-14″
“Uma singayikhulumi lento yesifo sesandulela ngculaza iHIV nokukhulelwa kwezinganne zisencane ngeke kulunge,”
“Asikwenze kucace lokhu iKwaZulu-Natal ngeke ithuthuke ifike la sifisa khona,” kusho yena.
“Lento igqugquzela inhlupheko esizukulwaneni mgesizukulwane. Uma sikhuluma iqiniso uma ingane eneminyaka engu-12 akuyona kuphela ekungathiwa isahluleki kodwa imphakathi wonke. Kusho ukuthi umphakathi uyahluleka ukuvikela labo ababuthaka,”
Ukukhulelwa kwezingane ezisencane kuzincisha amathuba anele wokufunda, isimo sempilo esicikizelayo.
Lento ibhebhethekisa ububha, abezomthetho kumele bathathele izinyathelo amadoda amadala okuyiwo akhulelisa lezi zingane.



