Izindaba

Kubatshazwa eyama-ARV’s engozini enyantisayo

Amanda Mjaja 

UNgqongqoshe kuHulumeni uKhumbudzo Ntshavheni uzwakalise ukukhathazeka ngemuva kokutholakala kwenani elikhulu lemithi elwa nesandulela gciwane lengculaza (ARV’s) endaweni yesehlakalo sengozi yebhasi.

Kule ngozi enyantisa igazi idlule nabantu abangu-43 emgwaqeni uthelawayeja uN1 esifundazweni iLimpopo.

Le ngozi yenzeke ngomhlaka-12 October 2025, kubikwa ukuthi imbangela ukuthi ibhasi belilayishe ngokweqile.

“Idumele ikhabhinethi ngamabhakede emishanguzo ama-ARV’s neminye imithi yodokotela etholakele”

Itholakale phakathi kwemfucumfucu yebhasi engenawo amaphepha okuthwala imithi”, kusho uNtshavheni.

Uqhubeke wathi: “Uphenyo olunzulu selenziwe, futhi izinhlaka zomthetho nazo zibheka le ngozi njengecala lokushushumbisa izidakamizwa”.

UNtshavheni uthe ukweba ama-ARV kuyinkinga enkulu.

Ijubane kanye namabuleki eyengasebenzi okuyizinto ezaba nomthelela kule

nhlekelele eyabulala abantu abangu-43.

Ibhasi kubikwa ukuthi lalihambela izindawo zamabanga amade kanti ngosuku lwengozi lalivela e-Eastern Cape libheke eZimbabwe.

Lalithwele abantu abangu-91abeqile kwinani okumele lithwalwe ibhasi elinesilinganiso sabantu abangu-62.

Abaphenyi bathole ukuthi abagibeli abangaba ngu-23 babengaphezu kwesibalo esivunyelwe ngokomthetho.

Ukuhlolwa kwemishini kwathola ukuthi amabhuleki ayisihlanu kuphela kwayishumi ayesebenza.

Ibhuleki elilodwa ebhasini lalingasebenzi, futhi wonke amabhuleki amane e-trailer eyayihambisana nalo ayengasebenzi.

“Ukuhlonza izisulu kuye kwaba nzima ngenxa yokuthi abaningi balabo abashonile babengaziphethe izincwadi ezibachazayo,” kubika ubuholi besifundazwe.

Ziphinde zasebenza nezinhlangano zaseZimbabwe nezaseMalawi ukufanisa iminwe nokuqedela ukuhlolwa kwezidumbu.

UNgqongqoshe wezokuThutha uBarbara Creecy ufune izimpendulo.

Inkampani yamabhasi izobhekana namacala okubulala, kanti umbiko wezobuchwepheshe uncome ukuba kubuyekezwe izindlela zokuhlola, nezokuqinisekisa ukulandelwa komthetho.

Ikakhulukazi emabhulohweni anesisindo esithile nasemigwaqweni emikhulu, ukuze kuvinjelwe izinhlekelele ezifana nalesi.

Related Articles

Back to top button