
Kubanjwe izinhlokohlela zezibhamu zisuka eMlaza
Aphelele Cebekhulu
Kuboshwe umsolwa oyedwa oneminyaka engu-35 ubudala eThekwini, eVurulam, etholakala nezinhlokohlela zezibhamu emotweni nempahla yokwebiwa.
Amaphoyisa abike ukuthi abenkampani ye-tracker abona isignal yale moto ebintshontshiwe iphuma eMlaza igibela ugwaqo onguthelawayeka uN2 base beyijaha.
Kuthiwa kuze kwafikwa Verulam nalapho onogada bezame khona ukuyivala lemoto kodwa zagadla lezinsizwa kwalimala elilodwa emlenzeni.
Amaphoyisa aze akwazi ukuyivimba e-Clerence Park nokuyilapho abasolwa bayilaxaze khona babaleka ngezinyawo bangena ehlathini.
Ngesikhathi bebaleka badubule unogada walimala emlenzeni.
Amaphoyisa ophiko lweK9 awaphelanga moya njengoba evuke nomsolaa oyedwa ehlathini wabajwa nesibhamu sohlobo lomshini ozishintshayo i-AK 47 nezinhlamvu ezingu-60.
Kulindeleke ukuthi umsolwa avele eVerulam Magistrate Court ngoLwesithathu ebhekene namacala okutholakala nesibhamu esingekho emthethweni nempahla ekusolakala ukuthi intshontshiwe.
NgoJune iPurpose ibike ngokuboshwa kowesilisa oneminyaka engu-49 ubudala KwaMakhutha, eningizimu yeTheku nama-AK47.
Kutholwe nezibhamu ezincane nezinhlamvu.
Lo wesilisa uboshwe ithimba le-Economic Infrastructure Task Team (EITT) ngoLwesibili ebusuku.
ISAPS ngokubambisana namaphoyisa kaMasipala weTheku athole umkhondo ngezingede zawo ukuthi lo wesilisa uhlome uyingovolo.
Amaphoyisa abe asemlalela unyendle atheleka engazelele nebala avuka balezi zikhali ezingekho emthethweni.
Akutholakalanga kuphela lezi zibhamu kodwa kutholwe nezimhlamvu zezibhamu ezahlukene.
Lezi zikhali zathathwa zayohlolwa ukuthi azikaze zenze yini amanye amacala ngaphambilini.



