
Izihambeli zomhlaba kweYoga kaPrince Mabheka
Liyah Mseleku
ISivananda World Peace Foundation ijabule ifile ukwazisa izwe ukuthi kulo mcimbi wakulo nyaka weYoga uzobe uhanjelwe uNobhala jikelele weDivine Life Society uSwami Advaitananda.
U-Advaitananda uphinde abe uNobhala jikelele weDivine Life Society eRishikesh, e-India.
Akubuzwa ukuthi le ngqophamlando yeYoga isudonse nezihambeli zomhlaba.
Lapha eNingizimu Africa kuzobe kunohlonishwa uSri Swami Abhedananda, oyihloko ngokomoya kwiChinmaya Mission of South Africa.
“Sibonga kakhulu kwiSivananda eNingizimu Africa ukwazi ukuhlela ukuthi kufike uSwami kulolu chungechunge kuli lizwe.
“Lo mcimbi obalulekile kanje uhlose ukugqugquzela ukuzwana nomoya nobunye ngenxa yeSivananda Yoga”.
“Le nhlanhango ikholelwa ukuthi iYoga inamandla okushintsha abantu ngabodwana nomphakathi wonkana. Nokwenza ukuxhumana okujulile nokuqonda kokuphila kwabantu jikelele”
“Kuyintokozo ukwamukela uSwami Advaitananda noSwami Aksharananda, kusho uPrince Ishwar Ramlutchman Mabheka Zulu, ongumengameli weSivananda World Peace Foundation”.
Wengeze ngokuthi ukufika kwabo kuzoba nezithelo ezinhle kunike nethemba umphakathi.
Okunye abangakwazi ngoSwami wukuthi nguye injini ephampayo kwiSivananda World Peace Foundation nayo yonke imisebenzi yayo ekukhuthazeni ubuntu.
Uzalwe eningizimu ne-India wasebenza iminyaka eminingi njengodokotela.
Le ndumezulu yomcimbi weYoga ozoba seRichards Bay Yacht Club, uzoba ngomhla ka-18 October (NgoMgqibelo) ngehora leshumi ekuseni.
Kumenywa abaseduzane baphelele ngobuningi babo.