
Sindiswa Nxumalo
Iza nezikhala kahle iVolkswagen T-Rock entsha ezokwethulwa kumlenze wesibili eNingizimu Afrika.
Lokhu kuzokwenzeka ngokuhlanganyela neTiago, T-Crodd, Tiguan, Tayron neTouareg.
Kuzokhumbuleka ukuthi iT-Roc iyilunga lomndeni wezimoto zakwa Volkswagen T-SUV.

IT-Rock ayikaze igcine ngokuba ngungqa phambili wezimoto zakwa Volkswagen kusukela ngo-2020 kodwa iphinde yafakwa ohlwini lwezimoto ezidayiswe kahle.
Lolu hlobo lwemoto selikhombise ukuncintisana okukhulu kuyo neTaigo kanye neTiguan enkulukazi.
Esizukulwaneni sayo sesibili, leSUV enezihlalo ezinhlanu izimisele ngokuqhubeka inyuse izinga zaphakathi kwayo nezimbangi zayo.
Ukwelamanisa iTiguan yokugcina yango-2024 neTayron yango-2025, iT-Roc iyi-SUV yesithathu yakwaVW eyakhelwe kwisigaba esisekugcineni kumjikelezo wonke: iMQB evo.

Sibonge IMQB Evo njengoba iT-Roc isinyusele izinga lezobucwepheshe beSUV.
Iqoqa amasystem asezingeni eliphezulu kusukela kwiTiguan neTayron futhi iqine ngokufana nezinhlobo zakwaVolkswagen.
Lolu hlobo olusha lungu mhlahlandlela wezokuthuthuka:
U-20% wezinto ezakhiwe ngeplastic kulesi sithuthi uphume ezintweni ezibuyekeziwe okukhipha u-40 kg wesisindo sazo.
IT-Roc ngeyokuqala kwaVolkswagen ukwakhiwa ngeplastic ebuyekeziwe eningi kangaka.
Le moto enezihlalo ezinhlanu ikulungele ukuthutha umndeni yingakho izigidi ezimbili zalolu hlobo lwemoto sezidayisiwe.
Lokhu kuyibeka esicongweni kakhulu le T-Roc entsha.
Iphinde ikwazi nokusebenza ngogesi ezihlalweni.
Ngaphezulu, kwalokho beqinisekise ukuthi isikhala sokufaka imthwalo siba sikhulu futhi sanela abantu abahlanu.
Isisindo semithwalo sikhuphuke ngamalitha awu-30 siya kwangu-475 uma kupakishwe ngaphezu kokunye ngemumva.
NB: Advertisement Call/WhatsApp 073 062 1169



