Izindaba

ITheku limi ngomumo kuleli Phasika

Sindiswa Nxumalo

IMeya yoMkhandlu weTheku uCllr Cyril Xaba, isiqinisekisile ukuthi elikabhanana likulungele ukwamukela izivakashi ngesikhathi seholide lePhasika.

Kulezi zivakashi kubalwa ezokuhamba nezasekhaya ngenhloso yokuqinisa umkhakha wezokuvakasha nokudala amathuba emisebenzi.

Ekhuluma ngesikhathi ethula uhlelo lokulungela iPhasika, uXaba uthe idolobha libeke phambili ukusebenzisana nomkhakha wezokuvakasha, uhulumeni kanye nabatshalizimali ukuqinisekisa ukuthi iTheku liyaqhubeka nokuba yindawo ekhethwa izivakashi.

Uveze ukuthi lokhu kusekelwa isabelomali esingaphezu kuka-R16 billion esihlose ukukhulisa umnotho wedolobha.

Ubalule ukuthi kuzoba nemicimbi eminingi ezodonsa izivakashi, okubalwa kuyo uhlelo lomculi Sjava, kanye neminye imicimbi yezobuciko efana nomgubho kaMandisi Dyantyis.

Izindawo ezidumile ezifana ne-Durban Botanic Gardens kanye ne-uShaka Marine World nazo kulindeleke ukuthi zihehe imindeni nezivakashi ezifuna ukuzijabulisa ngesikhathi seholide.

Ngaphezu kwalokho, imicimbi emikhulu efana neMetro FM Music Awards, i-Africa Travel Indaba, iHollywoodbets Durban July kanye neDurban International Marathon kulindeleke ukuthi idlale indima enkulu ekuheheni izivakashi nasekukhuliseni umnotho.

Yona izokwenzeka ngale kwamaholidi ePhasika.

IMeya iveze ukuthi le micimbi izokwenza izivakashi zihlale isikhathi eside futhi zisebenzise imali eningi edolobheni.

UXaba uphinde wagcizelela ukuthi iTheku linezinzuzo ezinkulu emkhakheni wezokuvakasha uma liqhathaniswa namanye amadolobha amakhulu njenge-Cape Town, njengoba liqhubeka nokuba phambili ekudonseni izivakashi.

Ngokwezokuhlala, ukuthuthukiswa izindawo zokwamukela izivakashi, okubalwa iproject yeMontclair Lodge ezokwakha amakamelo angaphezu kuka-300 ukuze kwandiswe indawo yokuhlala yezivakashi zasekhaya nezamazwe ngamazwe.

IMeya iphinde yaqinisekisa ukuthi idolobha lisebenzisana nabalingani abahlukene ukuqinisekisa ukuthi izivakashi zithola ulwazi oluhle, oluphephile nolunethezekile.

Uthe konke lokhu kuyingxenye yemizamo yokwenza iTheku libe yindawo ephambili kwezokuvakasha eNingizimu Afrika.

Ngale mizamo, iTheku kulindeleke ukuthi lihehe izinkulungwane zezivakashi ngesikhathi sePhasika, okuzophinde kube nomthelela omkhulu ekukhuliseni umnotho wedolobha nasekudaleni amathuba emisebenzi kubantu bendawo.

Related Articles

Back to top button