Izindaba

Isipho sePulpit elizihambelayo kuShembe

Lusah Mseleku

Iwugoqe ngeqophelo eliphezulu unyaka iSivananda World Peace Foundation ihlanganyela nebandla iNazareth Baptist Church elaziwa ngoShembe.

Lo mkhuleko omkhulukazi i13th Annual Inter-Faith Prayer Service obungo Msombuluko ngomhla ka-15 December 2025.

Lo mcimbi ububanjelwe ngaphansi kwesiqubulo esithi (Social Cohension- Oneness-Peace and Unity in Diversity).

Kubonakale abaholi abahlukene bakamoya, yintsha, amalunga emiphakathi abahambele lo mkhuleko.

Kulokhu bekuqhakanjiswa ukuziphatha kwabantu, ukubekezelelana kanye nobuntu, nalapho isimo sokungaboni ngasolinye kungezinye zezingqinamba ezweni.

Bekukhona abaholi abaningi bendabuko abaqhamuka kulo lonke leli laKwaZulu-Natal nalapho bezohlonipha futhi beseke uPrince Ishwar Ramlutchman Mabheka Zulu kulo msebenzi wokuzoletha ukuthula.

Ipulpiti elizihambelayo lethulwe kuNyazi Lwezulu uShembe ngalolu suku oluyingqopha mlando.

Lesi sipho sibengezinye ezivela kuMnuz uRamlutchman evuselela ubudlelwano phakathi kwamaNdiya kanye namaZulu okuseneminyaka eminingi eyedlule baba khona.

Lo mbuthano uqale kuzosa kube umhla ka-16 December, usuku oluyohlezi lusemlandweni.

Kuzokhumbuleka ukuthi emlandweni usuku lwangomhla ka-16 ngaphansi kombuso wobandlululo kwabanengqophamlando yempi yase-Blood River.

Leyompi yayiphakathi kwamaBhunu kanye namaZulu.

Ekuqaleni kwalo nyaka uDkt Shembe wahlonishwa ngesikhathi kwethulwa kwiGlobal Cultural Village, Sivananda International Yoga, Peace and Wellness Center, eGroutville ,eduzane nalapho kuzalwa khona Inkosi Albert Luthuli.

INazareth Baptist Church lingelinye lamabandla amadala kakhulu asungulwa ngonyaka ka-1910.

Leli bandla ligqame ngokuqhakambisa amasiko nokuziphatha kahle ngaphansi kobuholi uMduduzi uNyazi lwezulu.

“UShembe ufundisa abantu ukuthi babuyele emasisweni.

Uma ungumuntu obakhathalele abanye abantu uhlezi uzothola izibusiso” kuphetha uRamlutchman.

Related Articles

Back to top button