
Ingebhe kusabalala ivideo umfundi ehlanganyelwa yiqulu
Philasande Luthuli
IVideo esisabalele ezinkundleni zokuxhumana ikhombisa umfundi wakwa Grade 10 eMilnerton High School, eshaywa yiqulu labanye abafundi isilethe ukukhathazaka esizweni ngodlame ezikoleni.
Lesi sigameko esenzeke ngomhla ka-16 October emuva kokuphuma kwesikole siveza lo mfundi eshaywa kanzima iqulu labafundi.
Okuthusayo wukuthi abanye babafundi badlula sengathi akwenzekanga lutho bangalamuli.
Ilunga leqembu lezepolitiki kwi-United Democratic Movement (UDM), uNqabayomzi Kwankwa, usanda kunameka le video ezinkundleni zokuxhumana nesitatimende sikamama womgilwa.
Kwisitatimende unina womgilwa usola iMilnerton High School ngokuhluleka ukungenelela ekuvikeleni indodana yakhe nakuba ibisibike izikhathi eziningi.
“Indodana yami kade yaba ukudla kwenduku ihlukunyezwa ngezinye izingane. Lokhu bekwenzia ngisho nangabadlali bebhola lombhonxo kulesi sikole,” kusho unina womgilwa.
Amaphoyisa avumile ukuthi impela likhona icala elivuliwe kodwa akukaboshwa muntu.
“Amaphoyisa aseMilnerton aphenya icala lokushaya ngenhloso yokulimaza elihlanganisa umfundi oneminyaka engu-16 ubudala,” kusho Sergeant Wesley Twigg okhulumela amaphoyisa.
UKwankwa uthi njengeqembu le-UDM abazophela amandla bafuna ukubona ubulungiswa.
“Iqembu le-UDM lenza konke ukuthi lifike ekujuleni kwaleli cala,” usho kanje.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo eWestern Cape, uBronagh Hammond, uqinisekisile ukuthi udaba luyaphenywa nosizo lokululekwa ngokomqondo lanikwa abafundi abathintekayo.



