Izindaba

Isikhuni sibuye ngomkhwezeli kuNgizwe kwaMai Mai 

Liyah Mseleku 

Zibhekane ngeziqu zamehlo izinduna zakwaMai Mai, eGoli namaphoyisa avimba uNgizwe Mchunu nequlu Iezinsizwa.

Le mashi uMchunu uyibize ngokuthi uvikela iSintu nenvunulo uqobo. Lokhu kuza emuva kokusabalala kwezithombe zamadoda abeshada egqoke invunulo.

UMchunu wawotha ubovu wagxeka lesi senzo ethi kuthunazwa invunulo yamakhosi nabaholi nomphakathi.

UNgizwe uyiyise kwaMai Mai le mashi okuyindawo ehanjelwa uwonkewonke kwazise kudayiswa inyama yokosa nokunye okuningi.

Nabathandana nabobulili obufanayo abapheli kule ndawo eyintandokazi.

Izinduna zakule ndawo namaphoyisa bashaye phansi ngonyawo bevimba uMchunu nequlu ebelivunule ngemvunulo kaZulu sengathi lithelwe ngezibonkolo.

UNgizwe ubonakale ephoxekile njengoba egcine engangenanga kule ndawo ukukhuluma nesizwe ‘sakhe’.

“Amaphoyisa afake umoya wokuthi kungenzeka ukuthi size ngempi. Nezinduna zibe seziyakukholwa lokhu ukube besize ngempi beyizokwenzeka”.

“Ayikho into ebizokuvimba lokho. Izitabane azikwazi ukusifungela siwuZulu zithi zizovunula ngaleli langa ngoba ziqhoshela ukuthi zenza into enhle esikhundleni sokuxolisa nokuzehlisa”.

Enye yezinduna kwivideo izwakala ithi awuzongena uMchnu imhebeza nangezandla.

“Ungangena uma uzodla inyama”.

Amaphoyisa asekhiphe isitatimende ephikisa eyokuthi kunabantu abayishumi nambili ababoshiwe njengoba kulalwe ngeSonto kumunyungwa leyo ndaba.

“Akukho muntu oboshiwe amaphoyisa abenkanise yonke indawo ukubheka isimo kuleli qulu ebelimasha. Akukho monakalo obikiwe futhi akuboshwanaga muntu,” kusho amaphoyisa.

Related Articles

Back to top button