
Isendikindiki iChiefs ebambane ne-AS Simba
IKaizer Chiefs idlale ngokulingana ngo 0-0 ne-AS Simba emlenzeni wokuqala womdlalwo wesigaba sesibili kweyokuhlunga kwiCaf Confederation Cup.
Lo mdlalo bewuseTP Mazembe Stadium eLumbumbashi, eDR Congo ngoMgqibelo ntambama.
Abaqeqeshi baMakhosi benze izinguquko ezimbili nje kuphela eqenjini elihlulwe yiStellenbosch FC sekukhahlelwa amaphenathi kwiCarling Knockout.
UBrandon Petersen ubuyile epalini, kwathi uSiphesihle Ndlovu wathatha indawo kaMduduzi Shabalala esiswini.
Njengoba lo mdlalo bewungasakazwa kumabonakude, abalandeli baseNingizimu Afrika, bazithole bencela ulwazi ezinkundleni zokuxhumana.
UKhanyisa Mayo nguye ocishe waweza iKaizer Chiefs kulo mdlalo, nokho ibhola lakhe elihle alishaye ngesiwombe sokuqala lashaya ipali.
Womabili la maqembu athwale kanzima ukwakha amathuba amahle ngemuva kwekhefu, futhi lo mphumela uwafanele.
Lo mdlalo sekuyacaca ukuthi usuyophela kahle emlenzeni wesibili eDobsonville Stadium — kodwa njengoba izobe isekhaya, izinto zibukeka zivuna iKaizer Chiefs.
Lisenethini.co.za