
Isemome eyokubhalwa kwezivivinyo kuMatric
Amanda Mjaja
UNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Sipho Hlomuka, udlulise umnyalezo kubafundi abenza ibanga leshumi kunyaka ka-2025 njengoba sekusemome ukuqalwa kwezivivinyo zokuphela konyaka.
“Bafundi bami abathandekayo, bazali kanye nomphakathi wonke waKwaZulu-Natal izinsuku seziphelile”
“Ngomhla ka-21 izivivinyo zeNational Senior Certificate (NSC) zikazwelonke zizoqala ngokusemthethweni”, kusho uHlomuka.
Uqhubeke wathi lesi yisikhathi esibalulekile kwezemfundo.
“Ngithanda ukuthatha leli thuba ukukuhalalisela ngomsebenzi wakho onzima nokubekezela unyaka wonke.
“Sikholelwa ukuthi amakhempu esikole kanye nezinhlelo zokubuyekeza ezenzeke phakathi nezikhathi zamaholidi ziqinise kakhulu ukulungela kwakho futhi zikunikeze ukugxila okudingekayo ukuze uphumelele”, kusho uHlomuka.
“Kufanele futhi ngininike isixwayiso esiqinile noma yiluphi uhlobo lokukhohlisa noma ukungathembeki ngeke kuvunyelwe”
“Abafundi abatholakala benecala lokwenza lokhu bazophikiswa futhi bavinjwe ekubhaleni izivivinyo”, kusho uHlomuka.
Uqhube ngokuthi makuvikelwe ubuqotho bezivivinyo kanye negama lesifundazwe sethu.
“Siphinde sibize imiphakathi yonke yaKwaZulu-Natal ukuthi ihloniphe futhi isekele lesi sikhathi esibalulekile”
“Kubazali nabanakekela izingane, ukwesekwa kwenu nokukhuthaza kuqhubeka nokuphefumulela abafundi bethu ukuzethemba”.
Ubonge kubo bonke othisha abazinikela emsebenzini wabo baKwaZulu-Natal.
UMatric ka-2024 wenze isifundazwe isaziqhenya kakhulu ngokufinyelela ezingeni lokuphumelela elingumlando elingu-89.5%.
Lokhu kusho ukuthi kubafundi abangu-16 1962 ababhale ukuhlolwa kwe-NSC ka-2024, abangu-144 990 baphumelele.