Izindaba

Isemakhandleleni imindeni yamakholwa abhubhe engozini (13)

Sphumelele Mjaja

Isemakhandleleni imindeni yabadlule engozini enyantisa igazi.

Le ngozi idlule nabantu abangu-13 okubalwa nezingane ezineminyaka ephakathi kweyisikhombisa neshumi ubudala esifundazweni iLimpopo

Ithimba le Road Traffic Management Corporation (RTMC) lithi lidumele ngale ngozi embi eyenzeke emgwaqeni u-R81 eGa-Sekgopo eduze kwaseMooketsi ngeSonto.

Kudaluliwe ukuthi bonke abadlule emhlabeni babesetekisini encane okuhlanganise nomshayeli.

Kubikwa ukuthi babesuka enkonzweni yesonto eSolomondale beya emzaneni waseMagoro ngaphandle kwaseGiyani.

Ngokombiko wokuqala, iloli ilona elehlulekile ukubopha okudale ukuthi lishayise itekisi.

Lokho kwenze ukuthi itekisi ishayisane nelinye iloli, lacindezela itekisi phakathi kweloli.

Okhulumela i-RTMC uSimon Zwane unxuse abashayeli bamaloli ukuba baqaphele emigwaqweni.

“I-Road Traffic Management Corporation icela abashayeli bezimoto zokuthutha izimpahla,

kanye nezithuthi zomphakathi ukuba bathuthukise ukuziphatha kwabo futhi babeke ukuphepha kuqala”, kusho uZwane.

Umgwaqo u-R81 uvalwe amahora amaningana njengoba abosizo lokuqala besebenze ngokungakhathali ukuze basuse izidumbu endaweni yesigameko.

Kubikiwe ukuthi uphenyo lusaqhubeka njengoba ingakotholwa imbangela yengozi eqondile.

Omunye wabashayeli besifazane okukholakala ukuthi useminyakeni eko-40, ubalwa nabadlulile emhlabeni ngenxa yokulimala.

“Abekho abezimo eziphuthumayo ababengamsiza, futhi wamenyezelwa ukuthi ushonile endaweni yesehlakalo” kusho okhulumela i-ALS Paramedics uGarrith Jamieson.

Uqhubeke wathi: “Abantu ababili ababesemotweni yesibili bathola ukulimala belashwa endaweni ngaphambi kokuba bathunyelwe esibhedlela”.

Related Articles

Back to top button