Izindaba

Isale incela isithupha iDA emizamweni yokuketula uNdunankulu 

Liyah Mseleku

Iqembu i-Economic Freedom Fighters (EFF) eGauteng selijoyine iqembu uMkhonto weSizwe Party (MKP) kanye ne-ActionSA ekuchitheni izingxoxo neDemocratic Alliance (DA).

IDA ibiphakamise ukungamethembi uNdunankulu uPanyaza Lesufi.

Lesi siphakamiso seDA silandela umbiko woMvikeli woMphakathi owathola ukuthi uLesufi wenza okuphambene nomthetho ekusungulweni konogada bamaPanyaza.

Noma kunjalo i-EFF ithi angeke ibambisane neDA.

I-MK Party nayo yenqabile ukweseka lesi sinyathelo, yathi uLesufi akumele ajeziswe ngemizamo yokulwa nobugebengu.

Khonamanjalo, kwenzeke izinguquko ezingajwayelikele uhulumeni waseGauteng oholwa uLusufi ehlakaza amaPanyaza emasontweni adlule.

AmaPanyaza uhlaka elasungulwa ngonyaka ka-2003 ngenhloso yokulwa nobugebengu.

Lezi zinguquko zifike emuva kokuthi uGen Lt Nhlanhla Mkhwanazi ancoma isenzo sikaLusufi kuMadlanga Commission kodwa wathi amaPanyaza awekho emthethweni.

ULusufi umemezele ukuthi lolu hlaka seluzoya koqeqeshwa ukuba ngamaphoyisa omgwaqo.

UMkhwanazi uthe ngokomthetho, lolu phiko kufanele ngabe yinto engakaze ibe khona, ethi futhi wakuveza lokhu, kodwa washaywa indiva.

Nakuba sekugqame uMkhwanazi kodwa nongoti kwezamaphoyisa bebevele benezikhalo ngalolu phiko, ngokuthi amalungu alo kawaqeqeshiwe ngokwanele futhi kawanazo izinsiza ezidingekayo.

“Njengamanje kuMadlanga Commission omunye uJenene uthi lokhu esakwenzayo akukho emthethweni omunye uJenene uvumelana nathi. Ngalokho kwalokho sinohla olusemthethweni nolusebenzayo njengoba sikhuluma”.

“Kungani singaweleli ngaphesheya kubo kunokuthi silokhu siphikisana ukuthi kusemthethweni noma cha. Namhlanje sizonazisa ukuthi bazoqeqeshwa ukuzojoyina uhlaka oluvele lungaphanso kobuholi besifundazwe,” kusho uLusufi

Uphinde waveza ukuthi labo abangakhoni ukuyoqeqeshelwa ubuphoyisa bazojutshwa koMasipala abehlukene, baqinisekise ukulandelwa kwemithetho.

Abanye bazoba ngonogada eminyangweni kahulumeni uma sebeqeqeshiwe.

Related Articles

Back to top button