Ezemidlalo

IPrince Mangosuthu Legacy Cup nezinhlelo zokulanda awaphesheya

Sihle Mkhize 

Umqhudelwano iPrince Mangosuthu Legacy Cup kulo nyaka uzoqondana nokuhlanganisa iminyaka engu-50 iqembu le-Inkatha Freedom Party (IFP) lasungulwa.

Lo mqhudelwano wasungulwa ngenhloso yokubungazwa kweqhaza elabanjwa uMntwana wakwaPhindangene uMangosuthu Buthelezi eNingizimu Afrika.

Kulo nyaka uhlanganisa iminyaka eyisithupha wasungulwa.

Imeya yaseZululand District Municipality uMichael “Mkhonyovu” Khumalo iveze lokhu ehhotela iSouthern Sun Olundi ngoLwesithathu ntambama.

“Umlando kaMntwana ukhona naseGermany sibone njengoba kade siye khona. Lokho okungenza ukuthi ngelinye ilanga silande amaqembu okubalwa Borussia Dortmund noBayern Munich kulo mqhudelwano” kusho uKhumalo.

Uphinde wakhumbuza izihambeli ukuthi ukusungulwa kwale midlalo AmaZulu F.C aya kwaPhindangene eyokhothama yingakho kuba kuhle uma ekhona.

Ngokudlule abadlali baMaZulu ababanga yingxenye ngenxa yokuthi babenemidlalo eLimpopo.

Kuvele nokuthi amaqembu okubalwa iLamontville Golden Arrows noRichardsbay F.C bebefisa ukuba yingxenye ngenxa yokuthi uMntwana ubesabalele nezwe lonke.

“Umndeni wakwaPhindangene uyiChiefs, sikhuluma noBobby okokuqala ngqa sibanxenxa wathi uyomisa yonke into”

Okhulumela iqembu leKaizer Chiefs uVina Maphosa uthe ubaba (Mangosuthu) usebenzile hhayi kuphela eKZN kodwa nangaphandle.

“Ukubizwa ukuzodlala la kuyisibusiso. UMotaung uthe angimbongele. Sizoletha bonke abadlali abaseqophelweni. Leli dolobha lizohloba ngemibala yeKaizer Chiefs,” usho kanje.

“Asithembise ngeke kwenzeke okwenzeka phambilini, uManzini uthe uzibophezele ukuthi imidlalo yasekhaya izodlalwa la Olundi uma izinto seziqondile” kuphawula uPhilani Ndlela okhulumela AmaZulu FC.

AmaZulu azoqhuthana neNjamphela FC ngo-9 ekuseni, ngo-12 emini iKaizer Chiefs ibambane neNsingizini Hotspur FC.

Ngo-4 ntambama kuzobe sekudlalwa owamanqamu, amathikithi azobiza uR50 kuzomenyezelwa ukuthi azoqala nini kuphi ukudayiswa.

Le midlalo izobanjelwa ePrince Mangosuthu stadium, Olundi kusuka ngomhla ka-11 October kuze kube yingakusasa.

Kuvele nokuthi kuzoba nomcimbi womtelebhelo wamahhashi abazobe behlonipha ngawo uMntwana uPhumzile Buthelezi obewa evuka noyise.

NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169

Related Articles

Back to top button