Izindaba

Inkombankombane kudliwa izigidi zomsakazo

Amanda Mjaja

Isikhulu esiphezulu kwiJozi FM uDkt Mpho Mhlongo siphumele obala ngokudliwa kwemali engu-R24 million wesiteshi.

Lokhu ukusho ngesikhathi kunesithangami sabezindaba eJozi FM Studios, eDube.

Lezi zigidi ezabhubhudlwayo zaziwuxhaso oluvela kwiNational Lotteries Commission (NLC).

UDkt Mhlongo uchaze ukuthi izimali zaqinisekiswa usihlalo webhodi ngaleso sikhathi futhi zakhishwa ngezigaba ezimbili.

“Ekuqaleni sasithole izigidi ezingu-12 zamarandi, ezafakwa ngqo kwi-akhawunti yethu”, kusho uDkt Mhlongo.

Uveze ukuthi ngemuva kokuthola lezimali  ibhodi lanquma ukuvula i-akhawunti yesibili yasebhange ngokukhethekile ukuphatha izimali ze-NLC.

“Ibhodi nami, njengomphathi omkhulu, savumelana ngokuthi le mali kufanele ifakwe kulokho esikubiza ngokuthi i-akhawunti ye-NLC”, kusho uDkt Khumalo.

Uqhubeke wathi : “Ukuqinisekisa ukuthi yabalwa futhi yahlolwa ngokwehlukana ne-akhawunti yethu yokusebenza yansuku zonke”.

UMhlongo ugcizelele ukuthi lesi sinyathelo saholela ukuqinisekisa ukubhekwa kwezimali.

Uphenyo lusaqhubeka mayelana nezimali ezadliwa ezakhishwa yiNational Lottery Commission (NLC) eSoweto Media Resource Centre (SMRC).

UDkt Mhlongo, uthe izimali ezikhishwe ngo-2013 kusafanele zibalwe kahle.

“Kuze kube manje, asazi ukuthi kwenzekani kulezi zimali. Akekho ophumela obala,” kusho uMhlongo exoxwa nabezindaba.

Uveze ukuthi akukho mhlangano owabanjwayo (AGM) noma ukhetho olwenziwe kusukela lapho.

“Inkinga wukuthi sibambekile sizama ukuthola ukuthi kwenzekeni ngempela. Kungani sathola le mali,”

“Kungani bengazange bakwenze lokho okwakumelwe bakwenze”, kubuza uMhlongo.

UMhlongo uthe ibhodi ekuqaleni lalinikeze lokho okwakubonakala kuyisiphakamiso sokuthuthukiswa okuhlaba umxhwele.

“Sakhonjiswa iplani enhle yendawo entsha eyayizokwakhiwa ngaleyo mali. Kuze kube manje, asikaze sikubone lokho,”

“Into yokugcina esayibona kwakuwuhlelo lwezakhiwo lwe-3D olwaluku-laptop lunezinto eziningi, akukho okunye”, esho.

Lesi siteshi saqinisekisa ukuthi lolu daba selubikwe ngokusemthethweni kuziphathimandla nokuthi njengamanje kuqhutshwa uphenyo ngobugebengu.

“Ngaphandle kokugxila emininingwaneni yophenyo oluqhubekayo, iJozi FM uyaqinisekisa ukuthi lolu daba selubikwe kwiziphathimandla ezifanele, “kusho uMhlongo.

Related Articles

Back to top button