
Ingebhe kubafundi baseKolishi bengenelwa izigebengu
Sindiswa Nxumalo
Bakhala bayazithulisa abafundi base-Elangeni TVET College ePinetown ngemuva kokungenelwa izigebengu emagumbini abahlala kuwo.
Izigilamkhuba zingene zashaqa omakhalekhukwini babo ngoLwesithathu ezintatha.
Ngokusola kwabafundi, lezi zigilamkhuba bezintathu ngesikhathi zigasela eCowies Hill.
Ngokusho komthombo wangaphakathi ziqale zayokhiyela abafana ngaphandle kuyima zingena ngaphakathi endaweni okulala kuyo abesifazane.
Le ndawo ayinaye unogada, kepha ine alarm nayo engasizanga ngalutho nokuyinto eyenze ukuthi abezokuphepha bafike selidume ladlula.
“Abafundi besifazane baphaphame seziphuma lezi zigebengu. Kulapho ke abafundi bebone khona ukuthi kuthathwe amaselula wabo kwadliwa nokudla ebezikuphekile” kulandisa umthombo.
Ngokwezinsolo zabafundi, izigebengu bezisizwa omunye wabafundi ongaphakathi ngolwazi lwezintuba zokuphuma nokungena.
Nasemagumbini ahlala abafana zigaselile nakhona lezi zigebengu zathatha omakhalekhukwini nama laptop.
Abagilwa bafisa ukuthi kube khona indlela yokukhokhelwa kwempahla yabo eyebiwe noma bethole enye indawo ephephile yokuhlala ngoba sebeyasaba. UMnyango weZemfundo ubungakathi vu ngalolu daba.



