
Iminyaka esejele obulale indodana (6) eyigeza
Morgan Ngwazi
Inkantolo yesiFunda eFree State, eBloemfontein, igwebe uTshwarelo Tshilwane iminyaka engu-20 ebhadla ejele.
Ugwetshwe ngecala lokubulala indodana yakhe eneminyaka eyisithupha ubudala.
Inkantolo ilalele ukuthi ekuseni ngoLwesihlanu mhla ka-9 June 2023, ubaba oneminyaka engu-27 ubudala, uTshwarelo Tshilwane, wahluthuka washaya indodana yakhe eneminyaka eyisithupha ubudala.
Lokhu kwakwenzeka ngesikhathi eyigeza phambi kukamfowabo yena oneminyaka engu-14 ubudala, emjondolo wakhe eKhayelitsha, eBloemfontein.
Umfowabo wombulali wahamba waya esikoleni ngesikhathi uyise womntwana eqhubeka nokumshaya.
Lapho ebuya esikoleni, wathola udado elele kusofa endlini yabo enganyakazi futhi engaphefumuli.
Amaphoyisa nabezimo eziphuthumayo babizelwe endaweni yesigameko, umgilwa kwathiwa useshonile.
Kuvulwe idokodo lecala lokubulala esiteshini samaphoyisa eBloemspruit, kwabe sekujutshwa uWarrant Officer Solomon Mokgobo ukuthi aqhubeke nophenyo.
Khonamanjalo, amaphoyisa aseNorth West, eHebron, abophe uSduduzi Mavundla (29).
Lo msolwa ubefunelwa icala lokuzama ukubulala indodana (8) ezalwa umfowabo.
Kuthiwa uMavundla wamklinya wamgwaza nasebusweni umgilwa wamshiya engasanyakazi.
Lesi sigameko senzeka ePhola, eChesterville, eThekwini ngomhla ka-4 January ngonyaka odlule.
IBrits Crime Intelligence kanye ne-Brits Trio Task Team balandele umkhondo kaSduduzo baze bayofika eSigcemeni sase-Itereleng e-Hebron.
USduduzo obenganakile ubezibukela ibhola kwenye yezindawo zokucima ukoma ngesikhathi eboshwa.
Uzothuthelwa eThekwini lapho ezovela khona enkantolo maduze.
Ugogo kamgilwa ngasohlangothini lukanina, uNkk Veronica Msweli, uthe kahle hle umgilwa uhlala eNtuzuma, kodwa isigameko senzeka eChesterville, umgilwa evakashele umkhulu ohlangothini lukayise.



