Izindaba

Imigubho kaJune 16 ezweni lentsha engomahlalela 

Umgubho wokukhumbula usuku lwentsha kuzwelonke uzobanjelwa ePotchefstroom, eNorth West.

Kulindeleke ukuthi usekela mongameli uMnuz Paul Mashatile azokwethula khona inkulumo yosuku.

Ithulwa uMashatile nje yingoba uMengameli Cyril Ramaphosa umenywe eCanada engqungqutheleni iG7 Leaders Summit, yabaholi bamazwe awu-7 acebile.

Nakuba iNingizimu Afrika ingeyona ingxenye yeG7, kodwa uRamaphosa umenywe nguNdunankulu waseCanada uMnuz Mark Carney.

Kuzokhumbuleka ukuthi eminyakeni eminingi eyedlule bekuhlez kunegidigidi, muva nje abantu sebezihlalela emakhaya baqhathe usizi.

Abantu abasha abaqashiwe ndawo nokuyinto ekhathazayo.

Lokhu kufakazelwa izibalo zakamuba lapho intsha engasebenzi eNingizimu Afrika, eneminyaka esukela ku-15 kuya ku-34, ibalelwa ku-4,8 million ngokwezibalo zekota yokuqala yonyaka u-2025, ezishicilelwe yiStats SA ngenyanga edlule.

“Njengoba sigubha usuku lwentsha, sizazi kahle izinselelo intsha yanamuhla ebhekene nazo”

Yingakho-ke kule nyanga uhulumeni ugcizelela ubambiswano olukhulu kubo bonke abambisene nabo kwezemfundo, kwezamakhono, nasekuthuthukisweni komnotho, ukuze kubhekwane nokwentuleka kwemisebenzi entsheni,” kusho uMashatile.

Khonamanjalo KwaZulu-Natal nakhona kuhlelwe imigubho eyahlukene.

KwaZulu-Natal, uNdunankulu uMnuz Thami Ntuli kulindeleke ethule inkulumo emcimbini ozoba seKing Bhekuzulu Hall, e-University of Zululand.

Kulo mcimbi uNtuli uzokwedlulisela uxhaso lukahulumeni luka-R100 million entsheni, evela ezifundeni ezahlukene, ukuze ithuthukise amabhizinisi.

Lolu xhaso luvela esikhwameni iKwaZulu-Natal Youth Fund.

EClermont kuzokube kuhlangene iMKParty, kanti inkulumo yosuku izokwethulwa uMengameli weqembu uJacob Zuma. Kulindeleke ukuthi kwethulwe ngokusemthethweni uphiko lwentsha.

Kuzokhumbuleka ukuthi ngalolu suku kwafa inqwaba yabantu abasha eGoli, eSoweto ngo-1976.

Kwakubangwa ukuthi abantu abamnyama babenqaba ukufundiswa ngesiBhunu ezikoleni zakuleli.

Ngaleso sikhathi kwakuphethe uhulumeni wamaBhunu ubandlululo nokucwasana ngebala kudla lubi kuleli.

NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169

Related Articles

Back to top button