Izindaba

Ijaji nesinqumo ngokufa kwaChief Albert Luthuli

Liyah Mseleku 

Inkantolo enkulu yaseMgungundlovu inqume ukuthi lowo owayengumholi we-African National Congress (ANC) Inkosi Albert Luthuli’s washaywa ukuze afe.

ULuthuli owashona ngonyaka ka-1967 wahlabana ngendondo ehlonishwa umhlaba wonke iThe Nobel Peace Prize.

Phambilini kwakumbathiswe kwathiwa washaywa izingodo ezazishosholoza nesitimela KwaZulu-Natal, eStanger eGroutville.

Ngaleyo ndlela amukho umuntu owayezobhekana nokushushiswa.

Noma kunjalo iJaji uNompumelelo Radebe uthole ukuthi uphenyo lwango 1967 laligcwele amanga nokuningi ukushayisana.

URadebe uthi ubufakazi obuthulwe ngaphambi kwakhe kuveza ngokusobala ukuthi kwakungekho ngozi yesitimela.

Uthi amaphoyisa nabasebenzi bajantshi bahlangana ukuqamba amanga ukugqiba ukushaywa kwaLuthuli ukuze afe.

Ijaji liphinde layalela iNational Prosecution Authority (NPA) ukuthi iphenyisise mayelana nokuthunjwa kwaMbhemu Mnyandu.

UMnyandu owazibonela ngawakhe iqulu labamhlophe lishaya uLuthuli ngefosholo ngosuku abulawa ngalo.

Wathathwa ngamaphoyisa emva kwezinsuku ezimbalwa kubulawe uLuthuli, kuze kube yinamhlanje akaze atholakale.

Amalunga eMK Veterans ne-ANC abegcwele ngaphandle kwenkantolo egxoba itoyiyoyi

Related Articles

Back to top button