
Iminjunju kowoKhozi FM ngoMaskanda owamdelela ngonkosikazi
Sphumelele Mjaja
Isebuhlungu inhliziyo ka-Ayanda Msweli othula izindaba zemigwaqo oKhozini FM ngokuthukwa umculi kaMaskandi uMthandeni.
UMsweli ubexoxa kwiPodcast kaJacinta MaNgobese Zuma echaza ngendlela inkulumo kaMthabdeni eyavusa amanxeba ngayo.
UMthandeni wagadla kuMsweli emehlisa isithunzi ngokuthi waphingelwa unkosikazi ayeshade naye okokuqala.
Uthi indaba yasuka ngesikhathi ethola ukuthi ingqalabutho kuMaskandi uThwalofu akaphathekile kahle ngokwempilo.
Nebala wamvakashela efisa ukuthola ingonyuluka nokuyilapho ke uThwalofu wathi kade ehlaselwe abafana.
Uma ebuza uMsweli wachaza uThwalofu ukuthi bebefuna ukuthi ambeke njengonkosi kaMaskandi uthi wala ngoba ‘iy’pikili’ okuyigama elichaza umuntu ongakwazi ukuzishayela isiginci.
“Angifuni ukuqamba amanga ngahleka ngoba ngicabanga umngani wami uThokozani Langa njengoba engakwazi ukuzishayela. Ngaze ngathi ngizomfonela ngimbize ngespikili,” usho kanje.
Uthi waphoxeka uma eseshaywa ngesimo esamehlela ngoba yize behlukana nonkosikazi kodwa basaxhumana kwazise banezingane.
Uthi ingane yakhe yokuqala nalowo ayeshade naye ineminyaka engu-32 ubudala.
“Ngamfonela lo omdala ngimtshela ukuthi akehlise umoya. Baningi abantu abazwelana nami abathinteka abahlenababi kodwa ngabacela ukuthi behlise amaphaphu,”
Uveze ukuthi akaze axolise kuye uMthandeni futhi akafisi ukuthi uma mhla behlangana bayivuse le ndaba.
Uveze ukuthi ukugwema utalatiya wasebenzisa ubudala, uthi selokhu wathula lokho njengoba esekhuluma nje.
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169



