
IDurban City iwafuna ephelele kwiChiefs
Morgan Ngwazi
Umqeqeshi weDurban City FC, uGavin Hunt, uthi ukuqonda kahle ukuthi iKaizer Chiefs inabalandeli abaningi eThekwini angeke bazithele ngabandayo.
Usho kanje bazobhekana nayo koweBetway Premiership ngoLwesihlanu enkundleni iMoses Mabhida, eThekwini ligamenxe ihora lesikhombisa kusihlwa.
AmaCitizens azoya kulo mdlalo izinhliziyo zibuhlungu emva kokuwashiswa ijezi iRichards Bay FC kumqhudelwano weCarling Knockout, eMhlathuze Sports Complex.
IDurban City FC izobe ifuna amaphuzu amathathu uma seyamukela iChiefs njengoba ingelinye lamaqembu enza kahle kwiBetway Premiership.
Leli qembu laseThekwini lihlezi endaweni yesihlanu ngamaphuzu ayishumi nanhlanu emva kwemidlalo eyishumi.
UHunt uveze ukuthi ukuqonda kahle ubunzima abazobhekana nabo kulo mdlalo.
“Sikuqonda kamhlophe ubunzima esobhekana nabo uma sesibhekene naBafana basePhefeni, abadlali bazimisele ukwenza kahle njengoba engekho umdlali olimele kubona,” kuqhuba uHunt.
UHunt uphinde waveza ukuthi kuyamsebenzela ukudlalisa abafana abasebancane ngoba ibhola labo liyashesha futhi liyaphambili.
“Sizoqhubeka nokudlala ngabadlali abasebancane ngoba bayashesha, lo mdlalo ngeke ubelula kuwona womabili amaqembu”
“Ngifisa ukunxusa nabalandeli ukuba baphume ngobuningi babo ukuzoseseka njengoba sidlalela ekhaya ukuze sikwazi ukuqoqa amaphuzu agcwele,” kusho uHunt.
Umdlali osematheni uTerrance Mashego uthi: “bengabadlali bazokwenza konke okusemandleni ngoba akukaze kube lula ukudlala neKaizer Chiefs,”
Lokho kukodwa njengabadlali uthi kuzobagququzela ukudlala umdlalo omuhle futhi bazobhekana nanoma iyiphi incindezi ezobe ikhona ekundleni,”
AmaCitizens abheke ukuletha injabulo kubalandeli bawo emva kokwenza kabi kumqhudelwano weCarling Knockout Cup.



