
Ibhixene kuvela uMkhwanazi ePhalamende
Aphelele Cebekhulu
Akwaziwa ukuthi kuyogcinaphi njengoba kubukeka sengathi akuzohamba ngendlela obekulindelekile ngayo kwiAd Hoc Committee.
Kuleli Komiti kuvele kulo uKhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal uLt Gen Nhlanhla Mkhwanazi ngoLwesibili.
Okuqaphelekile ukubambana ngezihluthu ngaphambi kokuthi kuqalwe kwaze kwaphoqa ukuthi kuthathwe ikhefu.
Umbango obushisa phansi ngowokuthi abaholi bofakazi basolwa ngokuthatha isitatimende seMadlanga Commission basiletha kwi Ad Hoc Committee njengoba sinjalo.
I-Ad Hoc Committee ithi ngalesi senzo kusho ukuthi babenza enye iMadlanga Commission, bona bafuna konke kube okwabo.
Abafune lutho ezobahlanganisa neMadlanga.
UMnuz Julius Malema ohola iqembu le-EFF nguyena oshaye phansi ngonyawo.
Umholi we-Action SA KwaZulu-Natal, uMnuz Zwakele Mncwango, uthi uGen Lt Mkhwanazi waya phambi weKomiti lezamaPhoyisa ePhalamande wabatshela ngomonakalo okhona eMnyangweni kodwa iKomiti nePhalamemde lamshaya indiva.
“Waze wabiza isithangami nabezindaba ngoba ebona ukuthi okuqhubekayo ePhalamende akumsizi ngalutho,”
“Emuva kokuebikela izwe, uMongameli waqoka iKhomishana ezophenya izinsolo. Manje nePhalamande seliqoke iKomiti elizophenya,”
“Yini ehlukile azoyisho kuleli Komiti, angayishongo kuKhomishana. Akumoshwa nje isikhathi sika Mkhwanazi engabe ubona izigebengu”
“Wena uyasibona isidingo saleliKomiti, elamziba esaqala ukubika lezigebengu kulo? kubuza uMncwango.



