
Sihle Mkhize
Ikhulunyelwa eziko eyokunyamalala kwentandokazi yomsakazi kwabaningi uPenny Ntuli kwiJozi FM.
UPenny akazwakalanga emoyeni lonke isonto eledlule nangoMsombuluko ubengekho emoyeni phakathi kwa 9-12 emini.
Imithombo yePurpose ezinzene Jozi naseThekwini ithi impela sengathi ucu alisalingani phakathi kwaPenny nesiteshi iJozi FM.
UPenny wahamba kwiGagasi FM isimo simuncu njengoba washiya angalazi waveza nokuthi wayenikwe inkontileka ezomholela uR2800.
Lesi sigaxa sadalela iGagasi FM inzondo kubalaleli nabalandeli baPenny.
“Ngiyafisa ukwazi ukuthi kungani abasebenzi bengatshelwa uma bekuyinto encane le. Ngabe bayaziswa abantu uma kuwukuthi yinto engatheni nje” kusho umthombo.
IPurpose iphinde yahosha umoya wokuthi uPenny akahlezi ngesinqe esisodwa njengoba lingacaci ikusasa lakhe kodwa useqalile ukucela izinombolo zabaphathi bezinye izinhlelo zemisakazo.
“NgeSonto eledlule ubelokhu efonile kanti ufuna izinombolo zomphathi zinhlelo zomsakazo ozinze eGoli,” kuqhuba umthombo.
IPurpose inalo igama lomsakazo nomphathi zinhlelo uPenny acele izinombolo zakhe ngesonto eledlule.
Omunye uzakwabo esiligodlile igama lakhe usitshele ukuthi kumthuse kwayena ukungamuzwa uPenny emoyeni waze wamfonela.
“Ngimfonelile umzala ngikhathazekile kodwa wangena ezintangeni wangaphumela obala. Kwazi bani mhlawumbe ulungiselela umshado nje,” kuqhuba umthombo.
Umphathi wezinhlelo kwiJozi FM uthunyelwe imibuzo kodwa akaze ayiphendule.
UPenny Ntuli efonelwa iPurpose ephonswa imibuzo, ushaye ngamafuphi wathi ucela ukungakhulumi wavala ucingo.



