Izindaba

Buzulelwa amanqe ubuholi be-IFP eKZN

Kungase kushintshe ukudla epletini njengoba iqembu leNational Freedom Party (NFP) lidalule ukuthi lisezingxoxweni namanye amaqembu KwaZulu-Natal.

Lokhu kudalulwe uMengameli weqembu leNFP uMnuz Irvin Barnes.

Ezika Barnes zihlose ukukhipha emandleni iDemocratic Alliance (DA) ne-Inkatha Freedom Party (IFP) bathweswe umqhele iMK Party (Umkhonto Wesizwe) ekuholeni iKZN.

Kuzokhumbuleka ukuthi lesi sifundazwe sibuswa ngaphansi kwenhlanganisela yamaqembu (GPU).

UBarnes ozwakala njengomuntu osebuyelwe izingqondo uthi iMK Party yathola amavoti amaningi okhethweni lango May 2024.

Ngalokho uthi kumele ngabe yilo elihola uhulumeni wesifundazwe.

Okunye okuvelile wukuthi iNFP icabanga nokugixabeza i-EFF isikhundla sokuba usekela kaSomlomo kwiKhabinethi, ingqobo nje uma kukhishwe i-DA ne-IFP.

Kwisitatimende sakamuva uBarnes uthi iqembu lakhe njengeMK Party sebephelelwe ukumethemba uNdunankulu uThamsanqa Ntuli weqembu i-IFP.

Izinto akhale ngazo kakhulu ukungaphathwa kahle kwezimali okuhlanganisa ukugqigqa phesheya kwezilwandle okwenziwa uNtuli.

“Yingalezi zizathu ezenza sithi asisabethembi ubuholi bukaNtuli,” usho kanje.

“Zikhona izingxoxo ezikhona namanye amaqembu esifundazweni mayelana nomhlahlandlela wokuhola isifundazwe kubhekwe phambili”

“Imiphumela yakucacisa ngevoti ukuthi abantu bafuna iMKP. Mhlawumbe kungaba umqondo omuhle ukuthi sivumele iMKP ukuthi ihole isifundazwe, kusho uBarnes.

Related Articles

Back to top button