
Besizingelwa okwenyamazane isikhulu samatekisi esibulewe
Bahle Mkhize
Bamzame kaningi ukumbulala obengusihlalo we-Alexandra Randburg Midrand Taxi Association (ARMTA), uMnuz Victor Molefe Moekeletsi.
Udutshulwe wabulawa ehamba nonogada bakhe eMarlboro.
Kuthiwa laba bavinjezelwe abantu abangaziwa eduze namahhovisi e-Alexandra Taxi Association.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngomhla ka-10 May 2019 Moekeletsi, wasinda ngokulambisa ekufeni ehlaselwa amadoda amabili ayehlome eyizingovolo avulela ngenhlamvu.
Nakuba asinda lapho kodwa wayehlezi elandelwa futhi esatshiswa okungangokuthi wayesendelwa imiyalezo esongelwa ngokuthi ngeke uphele unyaka ephila uma engayeki kule mboni.
Ngo-Agasti 2019, izigebengu zaphinda zamhlasela eseMarlboro, abasolwa baphinda bangqongqisa amatekisi wakhe ayishumi.
“Ngikholelwa kuSomandla, ozonquma usuku engizohamba ngalo emhlabeni—kodwa hhayi ngesibhamu, futhi ayi ngesandla somuntu, ” kusho yena ngomhka ka-12 February kuwo lowo nyaka.

Omunye usihlalo, uTello Selepe, wabulawa eHoneydew ngoba wayesefake itekisi kuloya mzila kanti akukho noyedwa oseke waboshwa.
Lesi sigameko senzeke ngemuva kwenyanga lapho abaphathi bamatekisi kule ndawo bememezele ukuthi seziphelile izimpi zamatekisi eseziqhube isikhathi eside.
Bakumemezela lokhu emcimbini wokuthula owawungomhla ka-19 September enkundleni yemidlalo Kwa-Bhekilanga, e-Alexandra.



