Ezokungcebeleka

Bekuheleza umoya wobumbano kwiYoga 

Sihle Mkhize 

Yibe impumelelo indumezulu yomcimbi weYoga obuseZululand Yacht Club ngoMgqibelo.

Lo mcimbi wakulo nyaka weYoga ubuhanjelwe unobhala jikelele weDivine Life Society eRishikesh, e-India, uSwami Advaitananda.

Ngaphandle kwakhe kanye nezinye izicukuthwane bekukhona nondunankulu wakwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli nenkosi uZuzifa Buthelezi.

ISivananda World Peace Foundation ikholelwa ukuthi iYoga inamandla okushintsha abantu ngabodwana nomphakathi wonkana.

Nokwenza ukuxhumana okujulile nokuqonda kokuphila kwabantu jikelele.

Kulo nyaka iSivananda ibigubha iminyaka engu-17 yaba khona nengu-138 kwazalwa Sri Swami.

Related Articles

Back to top button