Izindaba

Bayabuya abamhlophe ababethole amadlelo aluhlaza eMelika

Sindiswa Nxumalo

Bakhumbula ekhaya eNingizimu Africa abelungu bakuleli ababalekela e-Melika ngenxa yokwesabela izimpilo zabo.

U-Andrew Veitch ungomunye owalifulathela elaseNingizimu Afrika ngemuva kokuvinjezelwa ngesibhamu esemotweni yakhe.

Yize kunjalo, uthi uzwa sengathi okunzima kakhulu yilokhu ahlangabezana nakho ezweni laseMelika okubalwa ukudubulana esidlangalaleni nodlame lwamavukela mbuso.

“Abantu bayadutshulwa emini kwabha. Abahlali baseMelika bayadutshulwa futhi bayabulawa,” kusho owesifazane oneminyaka engu-53 ubudala owathuthela eCalifornia ngo-2003.

Uqhubeke wathi akasafuni ukuhlala endaweni enjena.

Abaqaphi baMengameli wase Melika uDonald Trump bathi amavukela mbuso ahlonzwe njengabavulele ngenhlamvu kwafa ababili baseMelika ngoJanuary, yize i-video iphikisana nalokhu.

UVeitch ungomunye wabamhlophe base Ningizimu Afrika osehlele ukubuyela kuleli yize kunamazwi ashiwo uTrump okuthi uhulumeni wentandoyeningi wenza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuphepha kwabo.

UVeitch ungomunye wabangu 12000 asebebheke ukuthola kabusha ubuzwe baseNingizimu Africa buzwe emva kokuphucwa ngesikhathi bethola amadlelo aluhlaza eMelika.

Ucwaningo lwakamumva lwababuyile lukhombisa u-15000 wabelungu base Ningizimu Afrika ababuya ngonyaka ngo-2022.

UNgqongqoshe weZasekhaya uLeon Schreiber uthe sebengu-1000 abantu asephinde bazolanda amaphepha abagunyaza ukuba kuleli.

NgokweTimes Live ulindele lesi sibalo sikhule

“Likhona impela ithemba kubantu base Ningizimu Afrika abasazinze eMelika,” kubika uSchreiber.

USchreiber uyilunga ngeqembu iDemocratic Alliance ephethwe abamhlophe.

IReuters ikhulume nabantu abayishumi baseNingizimu Afrika abahlele ukubuya beze ngapha, abayishumi bebevela e-Europe kanti abathathu bebevela eMelika.

Bazwakalise izizathu zokubuya kwabo kuFacebook bethi bafuna ukubuyela emndenini yabo, babalekela izindleko kanye nepolitiki yamanye amazwe.

Related Articles

Back to top button