Izindaba

Baphenduke isibani esikhanyayo abaxoshwa emisakazweni

Sindiswa Nxumalo

Bazakhele udumo baphinde baba wusizo abasakazi abaxoshwa emsakazweni nasebephenduke usizo ngezindlela ezahlukene emiphakathini.

Kumanje amagama wabo ahlezi esematheni kubantu abazimele nabalwela amalungelo abantu.

UNgizwe waxoshwa ngezinsolo zokusabalalisa imininingwane eyimfihlo yomsakazo uKhozi FM.

UMchunu ugqame ngesikhathi ehola umkhakhanso wokuthi akukhishwe uZuma ejele.

Iningi labantu ladinwa ukuboshwa kwaZuma nokwaze kwagqama igama “azikhale” nelagcina limjikisa enkantolo eyoziphendulela.

Akagcinanga lapho njengoba ephinde alwele isithunzi somuntu omnyama namasiko kaZulu.

Isilo uMisuzulu kaZwelithini samnika umqhele wokuba uMengameli wamaBhinca.

Nakuba ukuxoshwa kwaJacinta MaNgobese Zuma emsakazweni iVuma FM kungaba yinto enhle kodwa kwasiza abaningi.

UMaNgobese Zuma wasola uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal ngokuxoshwa kwakhe.

Emuva kwesigameko samawele akwaDlamini esenzeka nyakenye, lo msakazi wazinikela ukulwela iqiniso ukuthi liphumele obala ehamba neMarch and March nokwamgqamisa kakhulu.

INingizimu Africa imazi kakhulu ngeqhaza alibambile kumanje ukukhipha abantu abakuleli ngokungemthetho ukuze kusizakale abantu bakuleli ngokwamathuba omsebenzi nokungena esikoleni.

Kuzokhumbuleka ukuthi uNgobese-Zuma uzinikele esiteshini samaphoyisa lapho ebekwe khona amacala okuphehla udlame emphakathini.

Lokhu kuza ngemuva kokuthi yena neqeqebana leMarch and March beqhinqe Addington Primary School ngaphezu kwamasonto amabili befuna kubekwe phambili abafundi baseNingizimu Africa abebengenazo izikhala zokufunda.

Nebala bagcina bethathiwe, kwathengelwa nabanye abantwana abebengenazo izimpahla zokugqoka.

Related Articles

Back to top button