Izindaba

Bamlethele igrosa unina kaSenzo Meyiwa obulawa yindlala

Liyah Mseleku

Amalungu e-ANC Youth League, eThekwini, avakashele umama kaSenzo Meyiwa owayengunozinti ovelele kwi-Orlando Pirates neBafana Bafana.

Kulokhu abengalengisile nje izandla kodwa abemhambisele igrosa.

Sekuphele iminyaka engu-11 uSenzo owayeneminyaka engu-30 ubudala adutshulwa kubo kwaKelly Khumalo eVosloorus, eGoli washona.

“Nengane kaSenzo ayishiya isencane namhlanje iseNyuvesi isifisa ukwazi ukuthi kwenzekani ngoyise. Kubuhlungu ukuthi uma ngicela ukudla kwezinye izikhulu ziyangiblokha,” kubalisa yena.

Lama lungu e-ANC athi abone kubalulekile ukumvakashela ukuqinisekisa ukubuyisa kwesithunzi somuntu.

IYouth League iveze nokuthi uSenzo wayengesiye nje umdlali webhola kodwa wabeliqhawe lakuleli.

Phakathi kwezimlahla abazithengile kubalwa ama-rice, amazambane, carrot, amaqanda, amaklanisi, oplastiki benyama yaseBluff, amafutha, anyanisi nokunye.

Sikhuluma nje liyaqhubeka icala eNkantolo enkulu yasePitoli nalapho kuphekwa khona abasolwa ngemibuzo.

Umsolwa wokuqala uMnuz Muzi Sibiya uzivikela ngokuthi uBrigadier Bongani Gininda noColonel Nhlanganyelwa Mbotho bamshaya kanzima bembheca ngobubende inyama engayidlanga ngo-2020.

Uthi waphoqwa ukuthi agcine akhulume angakwazi asayine nezitatimende angaziqondi.

Bayisihlanu abasolwa abasejele ababhekene naleli cala.

Umndeni kaMeyiwa usanda kuzwakalisa ukuthi ushaya amakhala ngabasolwa ababhadla ejele uthi ongqondongqondo ababesendlini kufa uSenzo abakaze baboshwe.

Related Articles

Back to top button