
Babongele uSelby ukuphuma kuKhozi FM esaphila
Philasande Luthuli
Babongele USelby “Selbyonce” Mkhize ngokuphuma kwisikhondlakhondla somsakazo uKhozi FM esaphila.
Kuzokhumbuleka ukuthi kulo msakazo kuvame ukuba nezigameko zokushona kwabasakazi.
NgoLwesibili kulalwe kuphungwa amatiye ngendaba kaMkhize okuvele ukuthi uyashiya kulo msakazo asesakaze kuwo iminyaka engu-13.
“Nkosi ngiyabonga ngethalente ongiphe lona, nomsebenzi omuhle kunayo yonke emhlabeni. Amathuba ongiphe wona, abantu engihlangane nabo, ngasebenza nabo, izimpilo engikwaze ukuzithinta”
“Ngifuna ukubonga wena mlaleli ngothando ongiphe lona kuyoyonke le minyaka, ukungamukela kulo msakazo ngezandla ezimhlophe”
“Awu kodwa ngesikhathi esimnandi esibe naso ndawonye! Eqinisweni kangazi ngithini, lapho ngihlezi nginento engizoyisho,” wengeze ngokuthi uzobonga kahle ohlelweni lwakhe lokugcina oKhozini.
USelby ubesakaza ngokubambisana uhlelo lwantammbama noTshatha Ngobe iWoza Nabangani Bakho (WNB).

Uqale kulo msakazo njengesimenywa ohlelweni Umnyakazo Top 20.
Ngonyaka ka-2014 wathola inkontileka kulolu hlelo ekhininda izindaba ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu.
Ukhozi luthe uMkhize ukwazile undizisa iflegi loKhozi FM phezulu
“USelby ube yilunga lomndeni eliqavile, ukuzinikela kwakhe nothando kube nomthelela ekwenzeni kahle komsakazo” kusika elijikaho uLwazi Mthabela oyiBusiness Manager kuKhozi FM.
Lizi Mthembu: “Sibonga ukuthi uhambe esaphila, Uma usebenza oKhozini FM kusengenzeka Noma yini. Okuhle kodwa Selby Mkhize. Yebo sizokukhumbula kodwa mina ngibonga ukuthi uhambe uphila”
Busi Mhlanga: “Kodwa ngoba uyphila nje akunalutho akaqhubeke nempilo uMaKhabazela”
“Sibonga nje ukuthi uzoshiya esaphila ngoba phela kade nanisiphula inhliziyo ngoRIP” kusho u-Asanda Ngobese.
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169



