
Abafundi abayishumi engozi ehlasimulisa umzimba
Philasande Luthuli
Kulimale kanzima izingane zesikole eziyishumi kwinhlekelele yengozi yetekisi esifundazweni sakwaZulu-Natal (KZN).
Le ngozi ehlasimulisa umzimba yenzeke eThekwini, emgaqweni omkhulu u-M13, uma usuzochezuka eduze naseHillcrest.
Okhulumelaa abosizo lokuqala kwinkampani i-ALS Paramedics uGarrith Jamieson, uthe bathole inqwaba yezingcingo mayelana nale ngozi eyenzeke sekudlule ihora lesishagalombili ekuseni.
UJamieson ulandise ukuthi abantwana babesendleleni ebheke esikoleni ngesikhathi behlelwa yile ngozi.
“Abosizo lokuqla bafike endaweni yesigameko bafica izinto zibheke phezulu iloli belishayisene netekisi kulimele nenqwaba yezingane. Kube sekubizwa ama-ambulance athe xaxa ukuze asize kule nhlekelele,”
“Kube nesibalo sezingane eziyishumi ezitholakle zilimele kanzima nokho abosizo lokuqala bakwazile ukufaka isandla khona endaweni yesigameko. Babe sebedluliselwa ezibhedlela ezahlukele eThekiwni ukuze bathole usizo oluthe xaxa abagilwa,” kusho uJamieson.
UJamieson wengeze ngelokuthi imbangela eholele ekutheni kudalekele le ngozi ibingakaziwa.
Noma kunjalo amaphoyiasa omgwaqo abekhona endaweni yesigameko futhi azoqhubeka nophenyo.
Umgwaqo ubumanzi njengoba belikade lina kule ngxenye yeTheku.
Kwenzeka le ngozi nje uNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Sipho Hlomuka, usanda kudlulisa umnyalezo kubafundi abenza ibanga leshumi kunyaka ka-2025..
“Bafundi bami abathandekayo, bazali kanye nomphakathi wonke waKwaZulu-Natal izinsuku seziphelile”
“Ngomhla ka-21 izivivinyo zeNational Senior Certificate (NSC) zikazwelonke zizoqala ngokusemthethweni”, kusho uHlomuka.
Uqhubeke wathi lesi yisikhathi esibalulekile kwezemfundo.
“Sikholelwa ukuthi amakhempu esikole kanye nezinhlelo zokubuyekeza ezenzeke phakathi nezikhathi zamaholidi ziqinise kakhulu ukulungela kwakho futhi zikunikeze ukugxila okudingekayo ukuze uphumelele”, kusho uHlomuka.
“Kufanele futhi ngininike isixwayiso esiqinile noma yiluphi uhlobo lokukhohlisa noma ukungathembeki ngeke kuvunyelwe”
“Abafundi abatholakala benecala lokwenza lokhu bazovinjwa ekubhaleni izivivinyo”, kusho uHlomuka.
Uqhube ngokuthi makuvikelwe ubuqotho bezivivinyo kanye negama lesifundazwe sethu.



